Umbuzo
: Ngingowesilisa nginenkinga yokungathandwa abantu besifazane. Ngimuhle ngiyazithanda kodwa nje abantu besifazane abahlali nhlobo kimi nokungishiya nombuzo wokuthi ngabe inkinga ikuphi ngempela.
Othandweni lokugcina nje engibe kulona, usisi ufike kanye emva kwalokho wangabe esazibamba izingcingo zami nokuphethe ngokuthi angibhulokhe.
Nginempatho kodwa kuyangicacela ukuthi kukhona lapho ngisala khona, okanye baxakwa wukuthi ngiwumkhaya kakhulu angazi?
Ngicela ungibonise ntokazi ngingenza kanjani ukuthi uthando lwami ngilugcine luphila nomuntu engisuke nginaye ahlale angabaleki?
Impendulo
:
Manje odabeni lwakho akukho lapho ongicacisela khona ukuthi nasembhedeni impela wenza kahle ngoba kuyiqiniso elingephikwe ukuthi owesifazane angakuthola konke endodeni kodwa uma ucansi lubheda uzobaleka.
Angazi ke bhuti wami ukuthi ngasocansini umi kanjani. Kuhle uthi ukubhukula nakhona ngoba kungenzeka ukuthi inkinga enkulu ilapho impela.
Okunye futhi mhlawumbe uyile nhlobo engazwani nokuphaka uma umuntu ekuvakashele.
Ngaphandle kocansi bhuti wami kuningi okunye okungenza owesifazane akuthande kodwa uma esefika endlini yakho abone ukuthi awusiyona le nto abecabanga ukuthi uyiyona, mhlawumbe nje uyile nhlobo ezithanda emgwaqweni kuphela kodwa endlini kuyasabeka.
Ake uziseshe wena mzalwane kuqala bese ke sisusela lapho sibone ukuthi konke kuhamba kahle yini.
Umbuzo
: Ngingowesifazane ngisanda kuthola umntwana. Sisathandana noyise womntwana kodwa manje akafuni ukulinda ngithi ukukhulisa ingane kancane ngoba ayikaqedi ngisho nezinyanga ezintathu futhi nami ngiyazizwa ukuthi ngisemanzi angikakakulungeli ukuya ocansini. Yena ukhala ngokuthi ngiyamncisha futhi ngaphezu kwalokho ungisabisa ngokuthi uzoqonywa ngoba mina ngimbulala ngendlala.
Ngiyamthanda angifuni ukulahlekelwa uyena kodwa manje ngiyasaba ukuzibandakanya nocansi ingane isencane kangaka.
Impendulo
: Ngiyayithanda eyokuthi uyakwazi ukuzicabangela nokuzihlonipha kwazise usanda kuthola umntwana. Ngicabanga ukuthi izinyanga ezintathu zanele usukulungele ukuya ocansini.
Senilinde isikhathi esanele. Indaba yokuthi umanzi, uzikhathaza ngento engathi shu. Uma kungukuthi ikuxaka ngaleyo ndlela eyokuba manzi kungaba kuhle uye emtholampilo.
Musani ukuzibulala ngendlala yocansi.
Engingakuxwayisa kukho nje wukuthi sebenzisa okokuzivikela ukuze ungakhulelwa ngoba maningi amathuba okuthi ukhulelwe njengoba usanda kuthola umntwana.
Umbuzo
:
Umyeni wami unothando oluyisimanga usenzela konke okuhle lapha endlini kangangoba waze wangiyekisa umsebenzi ngoba ethi uzosondla.
Impela kuhamba kahle. Inkinga yami akafuni ngimncele umphambili, akafuni ngize ngaphezulu, akafuni ukuqhamuka ngemuva, akafuni ukungikhotha.
Ucansi lwethu luyabhora. Iyangikhathaza le nto. Akezwa uma ngimtshela, uvele athi yena akashadanga unondindwa.
Impendulo
: Kubuhlungu ukuba sesimweni esinjengesakho. Kungasiza ukuthi uphinde umcele ubaba wekhaya nishintshe izitayela.
Uma kwenzeka enqaba vele uzithengele ithoyizi lakho locansi.
Uma niqeda ukuya ocansini donsa ithoyizi lakho uqhubeke ulisebenzise phambi kwakhe, uma ekubuza umchazele ukuthi ithoyizi yilona elikugculisayo kunaye ngoba akezwa.
Umbuzo
: Nginenkinga elokhu ikhula nyanga zonke. Eminyakeni eminingi edlule ngalala nosisi wangasekhaya. Asiqhubekanga sathandana.
Manje ngishadile ngisanda kufonelwa yisoka lakhe lithi lisola sengathi ingane ebeliyondla ngeyami. Uma ngimbuza lo sisi ushona ezintangeni.
Isoka lakhe lihlezi lingifonela selize lasabisa nangokutshela umkami.
Le ngane impela iminyaka yayo iqondana nesikhathi engalala naye ngaso lo sisi. Nakhu ngizobulawa yisifo senhliziyo.
Impendulo
: Kuzokusiza ukuthi ukhulume iqiniso kumkakho ngoba yinto le eyenzeka kudala, awufani nomuntu ophingile. Iyani esikhungweni esenza ulibofuzo usizakale khona.
Uma ingane kungeyakho uzokwazi kanjalo. Uma kungeyakho yinike uthando njengezinye izingane, uyenzele usiko uyiyise nakudokotela wengqondo ayeluleke kahle ngoba ikhule yazi omunye ubaba. Ngikufisela inhlanhla.
Umbuzo
: Umkami ufuna ucansi kimi mihla namalanga. Alukho olwamahhala.
Ngaqale ngayithanda le nto kodwa manje iyangikhathaza.
Lapho ngisebenza khona ngishayela amabanga amade ngifike endlini iqolo libuhlungu. Akayizwa leyo, ufuna ucansi la.
Uma ngimtshela ukuthi asiphumule siyobona kusasa uvele athi yena unendoda eyodwa kumele ngabe ngiyajabula ukuthi ungifuna nsuku zonke.
Impendulo
: Izinkinga zabantu azifani. Abanye bakhala ngendlala wena ukhala ngenala.
Kungaba kuhle umenze aqonde umsebenzi owenzayo umkakho.
Phela umshado awusho ukuthi sekumele kuhlale kuwumshawushile nje okungaphunyulwa kuwo.
Zama nawe ukuthi uthole okokuzivocavoca okuzokwenza ufike ekhaya unomdlandla wocansi.
- Elawini likaMaGumede