Umbuzo:
Ngingowesifazane osanda kulotsholwa. Isoka lami sesithandane nalo iminyaka emihlanu sihlala ndawonye kamnandi, asinayo ingane kodwa savumelana ngokuba ndawonye kuze kube liyangilobola.
Manje nginenkinga emva kokuthi selibuya ekhaya, ngizwa sengathi ngiphelelwa wuthando lwakhe lo bhuti, angazi noma kwenziwa ukuthi sengiyazi ukuthi ngizoba unkosikazi wakhe.
Le nto iyangidida ngoba engakayi ekhaya bekumnandi nje nami bengilokhu ngimxina ngokuthi akaye ekhaya.
Ingabe kuyenzeka yini uthando luye ngokuncipha uma senilobolene okanye yidimoni elihlasele mina ngedwa nale micabango engibusayo yokuthi sekuzomele ngiziphathise okukankosikazi manje?
Ngibona sengathi angikakulungeli ukuyoba umakoti wasemzini womuntu, isoka lami angikalitsheli ngale nto ngoba angazi ngizoyiqala ngaphi. Ngicela ungibonise
Impendulo:
Impela kuyabonakala ukuthi awukakulungeli ukuya kogana kodwa manje ngixakwa wukuthi uwena obusho amashushu okuthi isoka lakho aliye kovela kini.
Nakho-ke selivelile manje wena futhi usucula elinye iculo. Kimina uzwakala njengomuntu odidekile futhi ongazazi ukuthi ufunani empilweni.
Ngokubona kwami ubujahe nje igama ukuthi nawe ngakini kuvele ukuthi wake walotsholwa wagana angazi noma ubusukhohliwe yini ukuthi uma usuganile kumele uziphathise okomuntu oganile. Awuke uyicabangisise kahle le nto yakho ngaphambi kokuthi ulitshele isoka lakho ngoba nalo lizodideka nje yile mbudane oza nayo.
Umbuzo:
Ngingowesilisa, nginomama wengane engizwana naye futhi ngiyamthanda yize eke waba umuntu wesifazane obengaziphethe kahle phambilini kodwa manje ngibona sengathi useshintshile.
Inkinga kunezinsolo namahlebezi okuthi le ngane akusiyona eyami kwazise saba nayo esematasa kakhulu ngasemabhulukweni.
Inkinga ngayivuma ngathi eyami futhi ngiyayondla yize ekhaya benokushaya amakhala ngayo. Angisazi ukuthi ngizomcela kanjani ukuthi siyokwenza ulibofuzo ngoba uzobona sengathi angimthembi kanti ngifuna ukuthola isiqiniseko ngiphinde ngiqede nala mahlebezi alokhu ekhulunywa.
Ukumthanda ngiyamthanda futhi ingane noma ngabe akuyona eyami ngeke ngimlahle, nayo ngeke ngiyilahle, ukuthi nje ngifuna ukwazi iqiniso ukuze ngingalokhu ngiqhubeka nokwenzela ingane amasiko kanti ngenzela ingane yenye indoda. Ngicela ungibonise ngenzenjani?
Impendulo:
Ngokuzwa kwami ingane wayivuma wena ngoba ubona izimpawu ezithile ezikhombisa ukuthi ingeyakho, angiqondi-ke noma usungatshaziswa ukuzwa izinkulumo namahemuhemu yini okanye nawe usubona ngamanye amehlo manje.
Kodwa-ke ukuze ukhululeke emoyeni kungakuhle uhlale phansi nonina wengane yakho umchazele ukuthi kunezinkulumo eziqhamukayo manje ufisa ukugeza igama lakhe ngoba uyamthanda,umtshele futhi ukuthi noma ngabe imiphumela ithini, ngeke uze umlahle yena nomntwana.
Nginesiqiniseko ukuthi uzokwazi ukuyiqonda le nto oyishoyo futhi-ke uma kungukuthi akukho akufihlayo kuzoba lula ukuthi avume niyokwenza ulibofuzo Ngikufisela inhlanhla.
Umbuzo:
Ngingowesifazane ngishadile, ngihlala emzini nomamezala nosisi oyedwa wasemzini.
Selokhu ngashada uthando nokwamukeleka angikutholi kulo muzi, bangiphathisa okwesifiki esingaziwa okanye esaxoshwa kubo.
Umamezala akangifuni nalapho nginyathele khona futhi usehluleka ngisho ukufihla ngendlela angizonda ngayo.
Isizathu angisazi ngoba akukaze kube khona ukungaboni ngaso linye phakathi kwethu.
Sengike ngamtshela umyeni wami ngale nto futhi kokunye naye uyazibonela kodwa inkinga asikwazi ukuphuma umuzi wethu ngoba uyena kuphela umfana lapha ekhaya.
Ngihlukumezekile futhi angifisi kuze kufike esigabeni la engizomenza akhethe khona phakathi kukanina nami.
Ngifisa le nto sihlale phansi siyikhulume njengomndeni ukuze uma kukhona lapho engamgxoba khona umamezala ngingaboni, ngizithobe ngixolise sihlale kahle njengomndeni sijabule.
Ngingamenza kanjani ukuthi umyeni wami angayizibi le nto kodwa ayilungise?
Impendulo:
Umyeni wakho nguyena okufanele anihlalise phansi wena nonuina ixoxwe le ndaba, ezwe izinhlangothi zenu nobabili.
Uma kukhona onephutha azithobe axolise komunye ukuze nikwazi ukuqhubeka nibe wumndeni ojabulile.
Kuyinto ejwayelekile yona ukuthi kube nokungezwani phakathi kukamakoti nomamezala, kwesinye isikhathi uthola ukuthi umamezala ubona sengathi izinto abezithola ungakafiki wena akasazitholi
manje yingakho engasakufuni.
Kungakuhle umyeni wakho ayisukumele le nto okanye-ke uma ehlulwa yilokho nivele niziphumele umuzi wenu, kobe kungaqali ngaye ukuhamba ekhaya kuwuyena yedwa umfana.
Phela akakwazi ukukulanda kini ebese ezokhohlwa yinjabulo yakho ngoba ethi wenzela unina.
Wena unendima yakho oyidlalayo kanjalo nonina unendima yakhe njengomzali.
- Elawini likaMaGumede