UMBUZO: Nginenkinga kankosikazi ongangithobeli nokungumkhuba omusha. Ngaphambi kokuthi sishade ubezithobile nobekungesinye sezizathu ezangenza ngamshada ngokukhulu ukushesha ngoba akusajwayelekile ukuba nenhlanhla yokuthola umuntu wesifazane onesizotha kulesi sikhathi esiphila kuso. Kungabe yini ebanga lolu shintsho engilibona kwisithandwa sami?
Ndlovu, eMlaza
Impendulo:
Siyazwelana kakhulu nawe mfowethu. Kuhle ukuthi uhlale phansi naye ukuthola ukuthi yini ngempela eshintshile phakathi kwenu. Kungabe kukhona okumkhathazayo emshadweni wenu ngoba akavele ashintshe nje umuntu esikhaleni ngaphandle uma ubevele ezenzisa kwasekuqaleni ngoba efuna umshado.
Umbuzo:
Sineminyaka emithathu sishadile nomyeni wami. Selokhu sashada ngamaholidi kaKhisimusi siba nomndeni wakhe. Anginayo nencane inkinga ngalokhu ngoba ngikholelwa ekutheni isikhathi sikaKhisimusi isikhathi sokujabula nabantu obathandayo kodwa umndeni wakhe wona ubona lesi sikhathi kungesokungenza isigqila. Kuma mina ngedwa ekhishini aze aphele wonke amaholidi. Ngisho nosisi bakhe abancane bahlala phansi uma sengifikile bamemeze abakufunayo. Okungiphatha kabi kakhulu wukuthi umyeni wami akangivikeli nhlobo kubantu bakubo. Uyena muntu ongakwazi ukubatshela ukuthi le nto abayenzayo ayiyinhle kodwa lutho. Ngenzenjani ukuze umyeni wami angivikele emndenini wakhe ngamaholidi kaKhisimusi?
Okhathazekile, eMelmoth
Impendulo:
Akukholakali ukuthi kusekhona abantu abasenza into enjena komakoti. Kuyinto ejwayelekile ukuthi bazothanda ukutatanyiswa uwena njengomakoti wabo ikakhulukazi njengoba ungahlali nabo. Kodwa akumele aze aphele amaholidi kumi wena wedwa bona betatamiswa uwena nje kuphela. Sicabanga ukuthi sekungukuhlukumeza lokhu abakwenzayo. Umyeni wakho nguye okumele akuvikele esimeni esinjengalesi. Kusengenzeka futhi ukuthi akakuvikeli ngoba akazi yonke lento eyenzeka kuwe ngoba ungathola ukuthi benza kanje uma engaboni. Ngakho ayikho into edlula ukuthi umazise umyeni wakho ngenhlalo yakho uma nivakashe kubo ngamaholidi. Lokho kuzomenza akhulume nomndeni wakhe noma nizame ukuthi ningahlali isikhathi eside kubo kunesikhathi enisichitha nobabili ngaphandle komndeni wakhe.
Umbuzo:
Unkosikazi wami uthanda impilo ephezulu nokuphilela abanye abantu. Uhlezi engifaka ingcindezi yokwenza izinto engingafuni ukuzenza ngoba ebona okwenziwa omakhelwane nabangani bethu. Kumanje ufuna sishintshe imoto esisanda kuyithenga ngoba ebona abangani bethu beshintshashintsha izimoto. Mina ngingumuntu owakhula kanzima ngakho angizwani nokusaphaza imali. Ngikholelwa ekongeni imali ukuze izingane zami zingakhuli ziswele njengami. Ngenzenjani ukuze unkosikazi wami ayibone njengami impilo?
Igama ligodliwe
Impendulo:
Unkosikazi wakho unenhlanhla yokuba nomyeni ocabangela ikusasa njengawe. Ngakho kubalulekile ukuthi umazise ngezinto ezibalulekile kuwena nezinto ozisabayo ukuze naye ame nawe kuzona. Ayikho into edlula ukuthi niziphilele impilo yenu, ngezinga lenu futhi nibhekele ikusasa.
Umbuzo:
Nginonyaka ngishadile nomyeni engimthanda ngenhliziyo yami yonke. Inkinga wukuthi yena ufuna sisheshe sibe nabantwana kanti mina ngisafuna ukulinda kancane ngiqedele ngisho isikole. Ngibona sengathi isinqumo sami sizoba yinkinga enkulu emndenini wakhe ngoba sebehlale bengibuza uma sihlangana emicimbini ukuthi beza nini kanti abazukulu. Ngabe ngiyona uma ngibatshela ukuthi ngisazimisele ngokufunda ngakho abantwana bazothi ukuma kancane?
Okhathazekile, eNtuzuma
Impendulo:
Ukuqala umndeni kuphakathi kwakho nomyeni wakho. Kepha kuhle nazi ukuthi abantu abadala ayikho into ebaluleke kubo njengokubona kwanda umndeni.
Ngakho bayohlale benibuza uma nihlangana ukuthi beza nini abazukulu.
Singanicebisa nje ngokuthi yebo kuhle ukuqala umndeni uma senikulungele kodwa kuhle futhi ukubhalansisa phakathi kwemfundo nomndeni. Ningalindi isikhathi eside ngaphambi kokuqala umndeni ngoba usengakwazi ukufunda ngasese ube ukhulisa nabantwana futhi. Kuhle futhi nokufika kwabantwana nisenawo amandla okugijima nabo, nithokozele impilo ndawonye. Vumelanani nomyeni wakho ukuthi nizimisele ukuwuqala nini umndeni nokuthi izifundo zizodinga esingakanani isikhathi ukuze nizilungiselele kahle.