EZOTHANDO
UMBUZO: Sineminyaka emibili sithandana nobhuti engihlekisana naye. Unkosikazi wakhe washona eminyakeni emithathu edlule. Okungishaqisayo wukuthi namanje usakhuluma ngomkakhe nangendlela amthanda ngayo. Angikaze ngibe nenkinga ngalokho. Ukuthi nje uyasiqhathanisa, nokungenza ngizenyeze. Kuyangikhathaza kakhulu lokhu futhi sengikhathele manje.
Igama ligodliwe, ESIPINGO
Impendulo:
Iminyaka emibili yisikhathi esincane kwabanye abantu ukudlula kumuntu abesebeshade nabo iminyaka. Ngakho kudingeka ukuthi ube nesineke naye. Asikholwa ukuthi akakuthandi noma ukuqhathanisa nonkosikazi wakhe kodwa kuchaza kona ukuthi akakadluli ebuhlungwini bokushonelwa wumkakhe. Ungaqhubeka naye umeseke kuze kube uselaphekile ngokomphefumulo. Kungenzeka nokuthi akaboni ukuthi ukuqhathanisa nomkakhe, mazise uma ekwenza lokhu.
Umbuzo:
Ngingowesifazane oneminyaka ewu-38 ubudala. Ukhona ubhuti engithandana naye kodwa akazimisele nhlobo ngomshado kanti mina ngiyawufuna. Uyakwazi naye lokho kodwa angifuni ukumfakela ingcindezi ngento angayithandi. Manje kodwa ngibona sengathi ngiphelelwa isikhathi njengoba ngingakatholi muntu engingashada naye. Nginomntwana wami engizikhulisela yena kodwa noma ngingayithanda kangakanani ingane siyohlezi sikhona isikhala esingavalwa umuntu othandana naye.
Futhi, EMLAZA
Impendulo:
Ayikho iminyaka ebekelwe ukushada ngakho awusoze waphelelwa Yisikhathi. Akekho vele umuntu okumele afakelwe ingcindezi yokushada. Kumele kube yinto eqhamuka kumuntu ngaphakathi. Uyofika umshado uma sekufike isikhathi. Okwamanje qhubeka nokuzithanda, uzinakekele futhi uzihloniphe.
Umbuzo:
Sesineminyaka emine sashada nonkosikazi wami. Ngikhathele ukuxabana naye ngento eyodwa. Inkinga yami ukuthi ngiyahluleka ukuzibamba kubantu besifazane. Yiyo nje vo into esixabanisayo nonkosikazi futhi nomshado wami ususengcupheni. Ngiyafuna ukugqashuka kule nto.
Igama ligodliwe, eTHEKWINI
Impendulo:
Okuhle nokuyisigaba sokuqala sokulapheka wukuthi uyazazi ukuthi unenkinga. Akekho omunye ngaphandle kwakho okumele enze konke okusemandleni ukuvikela nokulwela umshado wakho. Le nto ifana nokuthi uma uzazi ukuthi uyabuthanda utshwala, uhambele kude nezindawo zabo ukuze ungazitholi usulapho uzohluleka khona ukuzithiba. Niyakudinga futhi ukuzijwayeza ukuchitha isikhathi esiningi ndawonye nonkosikazi wakho. Yakha ubungane obuqinile nonkosikazi wakho, nihlale nindawonye izikhathi eziningi.
Umbuzo:
Angazi noma kusayikho na? Ngaganwa ngoDisemba wonyaka odlule. Indlela engimthanda ngayo unkosikazi wami yethusa ngisho abasekhaya. Abanye bathi kuzodlula kodwa mina ngiyazi ukuthi akudluli, ngiyabona ukuthi ngimthanda ngokweqile impela. Naye uyazi nje ukuthi akukho engingeke ngimenzele kona. Manje angazi noma ngisayibambe ngakho yini?
Zithulele, EMPANGENI
Impendulo:
Thina asiboni nencane inkinga ngalokhu, ngaphandle uma kukhona ongasitsheli kona. Phela kuhle uma abantu bethandana. Uyibambe ngako. Kuyinto enhle nencomekayo le oyenzayo. Kusengenzeka futhi nokuthi umndeni wakho awujwayele ukubona abantu abathandana ngale ndlela enenza ngayo, okwenza ukuthi bacabange ukuthi wenza okungajwayekile. Qhubekani!
Umbuzo:
Umyeni wami mdala kimi ngeminyaka ewu-26. Ngamzalela izingane ezimbili zabafana, phezu kwezakhe ezine. Usemabhizinisini futhi uyasinakekela nabantwana. Inkinga yami ngabantu abathi ngamshadela imali yakhe ikakhulukazi njengoba engafuni ngisebenze ngoba ethi imali akuyona inkinga. Noma ngingenazinkinga zemali ngokwezidingo kodwa ngizwa ngingenampilo. Yena ufuna nje ngibe sekhaya nabantwana, akafuni ngibe nabangane futhi akafuni ngiqhubeke nezifundo zami ngoba ethi akasiboni isidingo. Angisakwazi ukuphila impilo ebhora ngale ndlela.
Igama ligodliwe, EGOLI
Impendulo:
Iminyaka ayisho lutho. Okubalulekile ukuthi abakini nabakubo bawubusisa umshado, niyathandana, niyanakekelana futhi kufudumele ekhaya. Khohlwa ukuthi abanye abantu bathini. Akubona abashade nomyeni wakho. Seninabantwana okuchaza ukuthi sekunabanye abantu okumele ubacabangele uma uthatha izinqumo. Vele kujwayelekile ukuthi abantu abanemali bangafuni ukuthi amakhosikazi abo asebenze. Wena hlala phansi nomyeni wakho nikhulume njengomndeni. Mhlawumbe ningavumelana ngokuthi wena ugxile kwamanye amabhizinisi enu ukuze uxoshe isizungu.