ABANTU abaningi abaluqondi ukuthi luyini ucansi nokuthi lujule kangakanani, abanye bajabulela ukuthi bayalwenza nje kodwa abayazi ingqikithi yalo futhi abakaze balwenze ngendlela ejulile.
Luyini-ke ucansi olujulile? Ucansi olujulile yilapho abantu ababili abathandanayo behlangana ngezitho zabo zangasese ukuze bazijabulise. Akuvamisile-ke nokho ukuthi abantu abangathandani bajule uma benza ucansi ngoba isikhathi esiningi basuke bephuthuma.
Ucansi olujulile lumnandi ngoba yilapho omunye nomunye ekwazi ukuveza indlela azizwa ngayo ngalo muntu asuke ezijabulisa naye yingakho abanye begcina sebekhala izinyembezi zangempela ikakhulukazi uma kumnandi kakhulu.
Omunye umuntu uma esekhala ngempela ngesikhathi nenza ucansi ungaze uzitshele ukuthi uyatetema kanti cha akunjalo ukuthi nje le nto eniyenzayo ijulile futhi imnandi, ivusa imicabango eminingi engqondweni iphinde.
Uthole ukuthi omunye ukhaliswa ukucabanga ukuthi uma lomuntu engathi asihlukane ngelinye ilanga, ngiyophinde ngimthathe kuphi umuntu oyongenza kamnandi kanje. Omunye uthole ukuthi ukhaliswa ukuthi sonke lesi sikhathi ubedlala abantu bethi bayangithanda kanti le ndoda ibikuphi ngempela. Lokho kukhala ukukhala bobumnandi okanye benjabulo ngenxa yokujula kocansi.
Ucansi olujulile ke alujwayele ukuhamba lodwa kodwa liba nomkhongi kanjalo nomphelezeli okuyizitayela zakhona zona kanye lezi ezikhihlisa isililo. Uma nenza ucansi olujulile nomuntu azithi zisuka nje ube ukhala kodwa kukhona isikhathi lapho eseqala eshintsha amagiya liqale izwi liye ngokunyukela ligcine selidledlezela emva kwalokho ke ziziqathakele izinyembezi ezihambisana namagama asamibuzwana njengokuthi, angithi sithandwa sami ngeke ungishiye, angithi bhebi mina ngedwa ngeke uyinike muntu into yami?
Akuzona ke zonke izitayela zocansi esingazifaka ngaphansi kwesihloko esithi ukujula kocansi, kodwa kuba yilezo ezimbalwa mhlawumbe ezimbili okanye ezintathu.
Nakhona kudingeka sengathi umshayeli okunguye olawula inqola nozoshintsha amagiya akwazi ukuqondanisa kahle ngoba kuyenzeka uthi ufaka ugiya namba 3 uvele ungangeni okanye uvele uphindele ku 1 ngephutha uma ungumshayeli oqeqeshwe kahle awuthuswa yilokho kodwa ugxoba izinto zakhona ufake igiya elifanele.
Kunesitayela esibizwa ngokuthi iDoggystyle. Lesi sitayela siyangena ngaphansi kokujula kocansi ngoba cishe isitayela esihamba phambili kuwona wonke umuntu.
Ngesikhathi sekwenziwa iDoggystyle noma ngabe unesibindi kangakanani kodwa awukwazi ukungabubuli, awukwazi ukuthula ungenzi msinjwana akukhathaleki noma ngabe mncane kanjani.
Lesi sitayela sinabantu abasenza sengathi basiyela ekolishi futhi ke abashayi besinqe bangempela abasadunusisani uma kwenziwa iDoggystyle sebevele bakutshekise ngohlangothi.
Bese kuba khona isitayela esibizwa ngoVemvane, naso siyangena ekujuleni kocansi ngoba yilapho khona owesifazane esuke engaphansi, nakhona kufuna sengathi ungaba nePhD emkhakheni wezocansi ngoba uma useyimfundamakhwela ugcina usugeja amagiya.
Konke lokhu esesikhulume ngakho ngeke ubuzwe ubumnamdi bakhona uma nizobe nilalene endaweni eningakhululekile kuyo ngoba kudinga sengathi ningaba sendaweni enizokwazi ukuphenduphendulana kuyona ukuze nizenze kahle lezi zitayela ningagcini senibanjwa iqajamba, yilapho ke sisuke sikhuluma khona ngokujula kocansi nobumnamdi bezitayela zalo, yilapho ke sike sithi uma ukulesi sigaba socansi vumela imizwa yakho, uma kuthi khala khala ukuze kuphume lento engaphakathi.
Ngokujwayelekile kuba owesifazane okhala aze mi aphume izinyembezi bese-ke indoda engenangqondo iyama ilikhiphe ibuze ukuthi yini bhebi ukhalelani, kubuhlungu yini okanye siyeke? Kuleso simo yekani ukusibuza imibuzo ebhedayo, yenzani umsebenzi, uma kubuhlungu sizosho.
*Landela ikhasi likaFacebook: Elawini LikaMaGumede