Umbuzo: Ngingowesilisa oneminyaka ewu-49 ngithandana nowesifazane ona-47.
Sesithandane iminyaka engaphezu kwengu-15 kanti sinengane eyodwa yentombane eneminyaka ewu-15.
Inkinga yami ukuthi akasafuni siye ocansini. Ukwenza kwakhe kungenza ngibone sengathi akasangithandi noma mhlawumbe useyangijolela. Kwenziwa yini ukuthi angangitsheli ukuze ngingachithi isikhathi sami ngento engekho?
Ngicela ningisize.
Okhathazekile, KwaDukuza
Impendulo:
Akujwayelekile ukuthi umuntu wesifazane avele angafuni ukuya ocansini nje kungenakele lutho.
Ake uzinike isikhathi sokubheka ukuthi ngabe yini ngempela engenza ukuthi athathe lesinqumo.
Ziningi ke izizathu ezingenza umuntu wesifazane aphelelwe ilukuluku lokuya ocansini.
Ezikhathini eziningi mangabe kukhona into emkhathazayo emoyeni kuke kwenzeke ukuthi azizwe engahaleli ukuya ocansini.
Kwesinye isikhathi abanye bake bangafuni ukuya ocansini mangabe kubekhona ukungathembeki kulobo budlelwano.
Esingasho ukuthi kuyinto enhle kodwa kuyinto eyenzekalayo. Umuntu wesifazane ube esesebenzisa ucansi ukukhombisa ukudinwa kwakhe kanti ila esebulala khona ubudlelwano bakhe engaqondile ukwenzenjalo.
Ake nawe uhlale phansi nesithandwa sakho usazize indlela lesomiso esikuphethe ngayo. Mangabe kungukuthi usakuthanda futhi usazimisele ngawe uzophumela obala ngento emudlayo.
Kungenzeka ukuthi kukhona okwenzekile kuleminyaka emingaka nithandana ekudale ukuthi agcine eseshintshe ngalendlela.
Sinifisela inhlanhla.
Umbuzo:
Ngisanda kuhlangana nowesilisa engimthanda ngenhliziyo yami yonke. Inkinga nje ukuthi ukhubazekile (uhamba ngesihlalo). Angikaze ngizitshele ukuthi ngelinye ilanga ngiyothandana nomuntu okhubazekile.
Ngaphandle kokusaba ukuthi abantu bazothini nginovalo futhi lezidingo zakhe njengomuntu okhubazekile. Ngabe uzokwazi ukumela izidingo zakhe njengendoda? Ngizokwenzenjani uma ngabe sesiba nezinqgqinamba ngokuhamba kwesikhathi?
Igama ligodliwe, South Coast
Impendulo:
Siyakubongela ngokuthola umuntu omthandayo kanti naye okuthandayo. Khumbula ukuthi mekuza othandweni akusho lutho ukuthi abantu bazothini. Ngakho khohlwa abanye abantu ulandele inhliziyo yakho. Inqobo nje mangabe lomuntu othandana naye engelona iqola nombulali.
Njengayoyonke into entsha kuzokuthatha isikhashana ukujwayela izidingo zesithandwa sakho, okubalulekile ukuthi uzinikele ekufundeni ukuthi ningaphilisana nganjani ndawonye. Ngaphandle kwaloko naye afana nabobonke abantu besilisa ngaphandle nje kokuthi unezidingo eziyisipesheli ekumele uzijwayeze zona. Jabulela ubudlelwano bakho ukhohlwe ukuzikhathaza ngezinto ezingabalulekile ngaleyondlela.
Umbuzo:
Ngingowesifazane osekulungele ukushada ngokusho kwabaseduze nami. Ngikusho lokhu ngoba konke la ngihamba khona bangibuza ukuthi kanti ngishada nini. Abangani bami bonke sebeshadile nokwenza ngibe ngaphansi kwenkulu ingcindezi.
Kwezinye izinsuku ngize ngicabange ukuthi mhlawumbe kukhona okungalungile ngami ngoba okwamanje angikakawucabangi umshado. Kuningi engisazimisele okukwenza empilweni ngaphambi kokuthi ngiqale umndeni.
Yini ngempela eyenza ukuthi uma ungashadile umphakathi ukubuke njengomuntu ongaphelele?
Londiwe, KwaMashu
Impendulo
Umshado uyisigaba esihle empilweni yomuntu kodwa akuyena wonke umuntu odalelwe ukushada. Kona siyavumelana nawe ukuthi umphakathi esiphila kuwona unokufaka enkulu ingcindezi kubantu besifazane mangabe sebefike eminyakeni ethize okuyinto ebuhlungu kakhulu. Futhi kuyinto isikhathi esiningi eyenza abantu besifazane bagcine sebezibona sebeshadela izizathu ezingezinhle.
Ukushada ngoba ubona abangani sebeshadile akusona esizathu esifanele sokushada leso. Kubalulekile ukuthi uqale kulaba abaseduze kwakho ubazise ukuthi lengcindezi abakufaka kuyona ayikujabulisi neze. Into yokushada akuyona into encane ngakho awuzimisele ukushada ngoba wenzela bona kodwa uzoshada masekufike isikhathi. Ayikho nencane into engahambi kahle ngawe ngokufuni ukushada okwamanje. Masesifikile isikhathi uyokwazi nawe.
Sithumele imibuzo yakho ku:
Nisilandele kuMo&Phindi on Facebook and Instagram