EZOTHANDO
Umbuzo
: Sineminyaka eyisithupha sishadile nomyeni wami. Selokhu ngambekezelela engathembekile isikhathi eside. Ngimbambe izikhathi eziningi oqotsheni elokhu ethembisa ukuwuyeka lo mkhuba. Ubudlelwano bethu bufana nobungekho ngenxa yalesi senzo sakhe. Ukumzwisa ubuhlungu ekade ngabhekana nabo, nami ngike ngazwana nomunye wesilisa futhi ngenza ukuthi angibambe ngamabomu. Manje sekume wonke umhlaba ngesenzo sami esisodwa vo. Kungani kunzima kangaka ukuxolela kumuntu wesilisa kodwa yena ngesikhathi engathembekile kimi wayelindele ukuthi ngimxolele nje kalula?
Nokuthula, eThekwini
Impendulo
Ukungathembeki ebudlelwaneni ikakhulukazi emshadweni kubuhlungu kakhulu. Ukuthi sesafunda kona nje ukuthi owesifazane kuphela ofanele ukubekezela ukungathembeki kowesilisa. Ayikho indlela owesilisa ahlukumezeka ngayo ehlukile kowesifazane mekukhona ukungathembeki ebudlelalweni benu. Ubuhlungu buyafana.
Kulesi simo sakho, sicabanga ukuthi wonile ngokuphindisela okubi ngokubi, akwenziwa kanjalo. Empeleni uzehlise isimilo ngokuqoma ngoba uthi uzwisa omunye umuntu ubuhlungu.
Siyazi ukuthi wenziwe ukucasuka nokufuna ukumuzwisa ubuhlungu njengoba usho. Kodwa isithunzi sakho sibaluleke kakhulu ukudlula ukuzwisa umuntu ubuhlungu. Ngeshwa ukuziphindiselela emshadweni akusebenzi. Uma kukhona la ningaboni ngaso linye, hlalani phansi nilungise. Makungalungi kungcono ushiye phansi kunokuthi uzehlise isithunzi.
Umbuzo
:
Ngingowesilisa oneminyaka ewu-34, othandana nowesifazane oneminyaka ewu-29. Ezinyangeni ezintathu ezedlule ungihlanganise nomzala wakhe okokuqala. Manje inkinga engibhekene nayo ukuthi sekunenhlansi yothando phakathi kwami nomzala. Sobabili asazi singaphumela kanjani obala ngaphandle kokuthi kubekhona umsindo. Ngibona sengithanda umzala kakhulu ukudlula isithandwa sami.
Kwenziwanjani mekunje?
Igama ligodliwe
Impendulo
:
Uma ungasamthandi usisi kubalulekile ukuthi umazise ukuze nihlukane ngesizotha. Akukuhle ukuhlala nomuntu sewazi ukuthi inhliziyo yakho ikwenye indawo. Inobungozi obukhulu le nto oyenzayo futhi ingamubulala omunye umuntu uma ezitholele yena. Khumbula, usungena phakathi kwabantu bomndeni owodwa okungadala uqhekeko olukhulu phakathi kwabo. Ngeke sikukhohlise kuzoba nzima kakhulu esithandweni sakho ukuzwa lezi zindaba kodwa kungcono kunokuthi ulokhu udlala ngaye. Kusengenzeka ukuthi yinto edlulayo. Iyenzeka into enjalo. Icabangisise kahle lento ngaphambi kokuthi uthathe isinqumo.
Umbuzo
:
Ngingowesifazane osemncane osethandane nowesilisa iminyaka eyisithupha. Noma umndeni wami ungakuthandi lokhu kodwa sihlala ndawonye nengane yethu kusukela eminyakeni emithathu edlule. Ngavuma ukuhlala naye ngoba wayengithembise umshado kodwa kuze kube manje akakaze avele ekhaya. Uma ngimbuza ngomshado uthi kusenezinto asafuna ukuzilungisa kuqala kubo kodwa akaphumeli obala ukuthi yini ngempela le aphezu kwayo kubo. Ngibona sengathi usehudula izinyawo manje. Ngikhathele ukuhlala nendoda engacacisi ukuthi ifunani empilweni.
Igama ligodliwe
Impendulo
:
Kubukeka sengathi isoka lakho alikakakulungeli ukushada. Kumele aphumele obala ngokuthi yini ngempela le ayenza ekhaya ukuze nawe umuseke ezintweni azenzayo.
Kodwa futhi kusengenzeka ukuthi kukhona ngempela asafuna ukukwenza kubo, uma kunjalo kubalulekile ukuthi umeseke ungalwi nalokho. Okubalulekile ukuthi nivumelane ngokuthi le nto ayenza ekhaya izomuthatha isikhathi esingakanani ukuze wazi ukuthi uzolinda isikhathi esingakanani nawe.
Umbuzo
:
Sihlezi sixabana nonkosikazi wami maqondana nokusonta. Mina angisonti kanti yena ungumuntu othanda isonto kakhulu. Anginankinga nencane bengimthandela kona lokho. Bengimkhuthaza ngisho ukuya esontweni. Okungixakayo manje ukuthi akasenawo umdlandla wokuya esontweni futhi angazi yinto evelaphi le. Mangimbuza uthi usekhulile manje, akaseyena lowa muntu engamthola ewuye othanda isonto. Useqale nokuba nabangani engingabezwa kahle nokungathi abaziphethe kahle. Ngabe kwenzekeni ngempela, uphi unkosikazi wami engimaziyo?
Igama ligodliwe
Impendulo
:
Wonke umuntu kuhamba kuhambe ashintshe empilweni, ukukhula loko. Kuyinto enokwenzeka kubantu abakhule behamba isonto kakhulu bengayazi enye impilo. Kubuye kudlule kodwa. Zama ukuthola ngempela ukuthi yini le emukhiphe esontweni futhi uzame ngisho ukuhamba naye kwamanye amasonto ukuze umkhuthaze.