Ezokungcebeleka

EZOTHANDO: Sengithanda kakhulu ubabezala kunomyeni wami

Mo NoPhindi|Published

OWESIFAZANE wazise uMo noPhindi ukuthi usethandana nobabezala, asekhulelwe ingane yakhe. OWESIFAZANE wazise uMo noPhindi ukuthi usethandana nobabezala, asekhulelwe ingane yakhe.

Umbuzo: Ngingowesifazane oneninyaka engu-25. Ngineminyaka emihlanu ngishadile. Umyeni wami uqale ukungishintshela emva kokuthola umntwana wokuqala. Uze wajola nomngani wami imbala. Inkinga wukuthi usaqhubeka nokujola nomngani wami noma sengimtshela ukuthi iyangihlukumeza le nto. Umngani wami yena uthi sebahlukana kodwa umyeni wami usaqhubeka nokuxhumana naye. Ngenzenjani?

Lindo, Empangeni

Impendulo:

Akukuhle okwenziwa umyeni wakho kodwa bhekisisa nomngani. Umngani unjani othandana nomyeni womngani? Noma ngabe sebehlukene kodwa kumele ububhekisise ubungani benu. Umshado udinga umuntu owaziyo ukuthi ushadelani. Ayikho into ebuhlungu njengomuntu ozokushada kodwa abe esaqhubeka nempilo yakhe eceleni. Thola isiqiniseko kumngani sokuthi ngumyeni wakho osaqhubeka nokumlandela. Uma engumngani weqiniso uzokusiza. Uma umyeni esaqhubeka nokulandela umngani kuzochaza ukuthi akakuhloniphi njengenkosikazi. Umshado kumele ukuthokozise, uma kungasenzeki loko hlala phansi nomyeni niwubukisise umshado wenu.

Umbuzo:

Ngingowesifazane oneminyaka engu-32, ngineminyaka emine ngishadile. Angihlali nomyeni wami ngenxa yokuthi usebenza eGoli, ubuya ekupheleni kwenyanga. Ngihlala nezingane zethu nobabezala, umamezala sewashona.

Sekunenkinga phakathi kwami nobabezala - sesiyathandana. Waqala ngokungiheha waze wangithengela imoto ethi uyangithanda. Ngagcina ngivumile ukuthandana naye. Sizama ngayo yonke indlela ukufihlela umyeni wami nezingane. Sengithanda ubabezala kakhulu kunomyeni futhi sengikhulelwe ingane yakhe. Ngenzenjani?

Igama ligodliwe, eThekwini

Impendulo:

Ukuphuma kwale ndaba kuzomhlukumeza umyeni wakho kodwa lokho kungcono kunokuphila impilo yamanga. Kubi kakhulu okwenzile. Bekungamele ungene phakathi kwendodana noyise. Kwakumele uzame ngayo yonke indlela ukugwema lesi simo, uze umtshele ukuthi uzokwazisa indodana yakhe uma eqhubeka. Le nto izoba yisilonda esikhulu phakathi kwendodana noyise futhi kuzothatha eside isikhathi ukuthi idlule. Kuzoba nzima kumyeni wakho ukuphinda akuthembe kodwa akukho okudlula uthando. Akukho okunye ngaphandle kokuphumela obala kumyeni wakho. Sinesiqiniseko sokuthi umyeni wakho wamshada ngoba umthanda kodwa sewudidwa wubabezala. Shiya phansi indaba kababezala. Akha umuzi wakho.

Umbuzo:

Nginezinyanga ezingu-10 ngishadile nendoda ethembekile neqotho kodwa inkinga ukuthi angiyithandi. Ngahlangana nayo emva kokuhlukana nendoda engangiyithanda kakhulu. Wafika ngenkathi ngisesikhathini esinzima ngidinga umuntu ozonginika uthando. Wasivala isikhala. Akupholanga maseko wangishada. Kwakungamele ngivume manje sengikhulelwe ingane yakhe ngibe ngazi kahle ukuthi angimthandi. Angisazi ngenzenjani.

Londiwe, eMargate

Impendulo:

Isimo okusona sijwayelekile. Yingakho kuthiwa thatha isikhathi ngaphambi kokuthi uqhubeke nempilo ikakhulukazi uma uhlukane nomuntu obumthanda. Lokhu kwenzelwa ukuthi ungathandani nomuntu kanti uqeda ngaye ubuhlungu. Lesi simo asisihle kuwena nakumyeni wakho ngoba udinga umuntu ozomthanda ngokweqiniso. Akulula kulezi zinsuku ukuthola indoda ekuthandayo futhi ekuhloniphayo. Ungalahlekelwa okukhona ngokungekho. Thola ozokweluleka ukuze ulungise isimo phakathi kwakho nomyeni.

Umbuzo:

Sineminyaka emibili sishadile nomyeni wami. Asisihle isimo phakathi kwethu ngenxa yokuthula kwakhe. Okungiphatha kabi wukuthi noma esephutheni uvele azithulele. Le nto esiqala ukungenelela emalini yethu. Ubolekisa ngemali kumalungu omndeni wakhe angangitsheli. Ngize ngibone uma sesishoda ngemali.

Angikholelwa ekuhlukaniseni kodwa angithandi izingane zami zikhulelele ekhaya elingenanjabulo.

Gcina, eMgungundlovu.

Impendulo:

Kubukeka sengathi umyeni wakho uyinhlobo engakhulumi kakhulu. Akukho-ke ongakwenza ukushintsha lokhu. Usephutheni ngokubolekisa ngemali yenu yezidingo zasendlini angakutsheli. Umndeni wakhiwa ababili ababambisene ngakho kubalulekile ukuthi kube nokuxhumana okuhle phakathi kwenu.

Ayikho into edlula ukuxoxisana uma kukhona la ningaboni khona ngaso linye. Mazise umyeni wakho ngokungathokozi kwakho. Kuyilungelo lakho ukuthi wazi ukuthi uyenzani imali.