EZOTHANDO
Umbuz
o: Sisanda kushada nomyeni wami. Noma singakabi nazo izingane zethu sobabili kodwa mina ngifike nabantwana ababili emshadweni. Umyeni wami uzithanda zombili inkinga nje wukuthi asivumelani ngendlela efanele yokuziyala. Obaba bazo zombili abekho empilweni yazo. Omunye washona kanti omunye akanandaba nje. Mina angifuni zishaywe izingane kanti yena unesandla esiqinile nesisheshayo. Kuthi noma ezishaya akhombise ukuba nolaka. Kuyasihlukumeza kakhulu lokhu nezingane futhi sengithethe ngakhathala. Ngicela usizo.
Igama ligodliwe, Umlaza
Impendulo
:
Njengomuntu omdala nongumzali unomthwalo wokuvikela abantwana. Uwena obalethele le ndoda, abazizelanga. Umyeni owakho futhi akayena uyise wabo. Ezinye zezindlela okumele ubavikele ngazo ukuyobonana nochwepheshe bengqondo. Mhlawumbe uzothola ukuthi njengoba enesandla esisheshayo nesiqinile nje yingoba iyona ndlela akhuliswa ngayo kubo ngakho akayazi enye hhayi ngoba mhlawumbe engazifuni. Iningi labazali abadala lalingachazi izinto eziningi enganeni lalifaka induku nje kuphela likholwa wukuthi iyona eqondisayo. Labo bantwana bakhula nalowo mqondo futhi bengenayo enye indlela yokwenza. Usizo eningaluthola kochwepheshe bengqondo lungahlanganisa ukuhamba amakilasi okuqeqesha noma okufundisa ngokukhuliswa kwabantwana. Kuyonisiza kakhulu lokhu.
Umbuzo
:
Ngingowesifazane osemncane osethandane nowesilisa iminyaka emithathu. Noma umndeni wami ungakuthandi lokhu kodwa sihlala ndawonye nengane yethu kusukela eminyakeni emibili edlule. Ngavuma ukuhlala naye ngoba wangithembisa umshado kodwa kuze kube yimanje akakaze avele ekhaya.
Uma ngimbuza ngomshado uthi kusanezinto asafuna ukuzilungisa kuqala kubo angafisi ukuzidalula kimina. Nginenkinga ngalokhu ngoba mina ngibona sengathi useyangijikela ngodaba lomshado. Ngikhathele wukuhlala nendoda engacacisi ukuthi ifunani empilweni.
Igama ligodliwe, Mpumalanga
Impendulo
:
Kubukeka sengathi isoka lakho alikakakulungeli ukushadelwa. Ukushadelwa nokunikela ngempilo yakho komunye kuchaza ukuthi impilo yakho uyivulele omunye umuntu. Akukho okwenzayo omunye angeke akwazi.
Kodwa futhi kusengenzeka ukuthi kukhona ngempela asafuna ukukwenza ekhaya kubo. Ungalwi nalokho kuphela nje kufanele avuleleke kuwe ukuze wazi ukuthi yini okufanele uyenze. Indlela enza ngayo akuyona indlela umuntu ozimisele ngokushada okufanele enze ngayo. Kubalulekile ukuthi nawe ungamniki ingcindezi ngomshado kanti yena ubengakawulungeli. Abakini abakuthandi ukukipita kwakho futhi nesoka lakho alikaze likukhombe ngesibhamu likuhlalise nalo. Vumelanani ngesikhathi asidingayo umnikeze sona. Wena buyela kini.
Umbuzo
:
Mo noPhindi sizani bo, nakhu ngiphelelwa umshado. Umyeni wami wasula emsebenzini ngonyaka odlule ngoba ethi usengena kwezamabhizinisi. Akazange afune sixoxe kabanzi ngalolu daba esesula. Wamane wazenzela nje engenandaba novo lwami. Ngenyanga edlule kwafika abantu engingabazi la ekhaya bezomfuna bethi akasatholakali ocingweni lwakhe. Noma wayengekho ngempela ekhaya kodwa babesho ukungiqeda bethi ngiyazi lapho ekhona futhi ngiyamvikela. Unamacala engingawazi nabantu asebefuna ukuzolanda izimpahla zakwami. Kuyimanje umyeni wami uyalwa abe nolaka uma ngimphoqa ukuthi sikhulume lolu daba. Angisazi ukuthi kumele ngenze njani.
Igama ligodliwe
Impendulo
:
Inkinga obhekene nayo akulula ukuyixazulula ikakhulukazi ngoba umyeni wakho kubukeka sengathi akafuni nixoxe ngalolu daba. Lokhu kwenza impilo yakho ibe nzima futhi nathi asikwazi ukukucebisa ngendlela efanele.
Kungenzeka ukuthi uyazisola ngesenzo sakhe sokusula emsebenzini nokuthi akazange asicabangisise kahle isinqumo sokwesula. Uyindlovu kayiphikiswa nje mhlawumbe yingoba usebona eyisahluleki. Kuyawulimaza kakhulu umqondo lokhu, ikakhulukazi endodeni. Mhlawumbe unengcindezi yokuziveza kuwe njengendoda ekwazi ukuzithathela izinqumo ezingaba yimpumelelo.
Kodwa uma lolu daba selusezingeni lokufika kwabantu ongabazi sibona kungcono uyobikela abakubo kanjalo nabakini. Ekugcineni umyeni wakho kufanele kube khona azokhuluma nabo uma engafuni ukulukhuluma nawe lolu daba ukuze kutholakale isisombululo.
Sibona kungaba kuhle nokuyovula icala emaphoyiseni. Umuzi wakho nempilo yakho kusengcupheni ngento ongayazi. Kumele labo bantu babe abasolwa bokuqala uma wehlelwa okuthile.
- MO & PHINDI