EZOTHANDO
Umbuzo: Ngingowesifazane ona-32 ngithandana nobhuti ona-49 oshadile nonezingane ezimbili emshadweni nezinye ezimbili ngaphandle. Mina ngineyodwa engayithola ngaphambi kokuthi sihlangane.
Unokungixoxela ngendlela okungemnandi ngayo emshadweni wakhe, ngisho nokuthi abasalali ekamelweni elilodwa nonkosikazi. Uthi ufuna ukungenza unkosikazi wesibili kodwa ufuna ngithole ingane kuqala ngaphambi kokuthi angishade. Nginovalo lokuthola enye ingane ngingashadile.
Igama ligodliwe
Impendulo:
Zibuze umbuzo owodwa. Uma ngabe engathokozile emshadweni wakhe njengoba esho, pho uhlaleleni kulo mshado? Musani ukudlala abantu besilisa kangaka. Uma engathokozile akaphume phela ukuze nawe ubone ukuthi cha akahleli kahle. Sekudlalwe kakhulu ngabantu besifazane egameni lokuthi “angithokozile emshadweni wami”.
Okwesibili usunaye umntwana, okusho ukuthi ngeke athi thola ingane ngoba ufuna ukubona ukuthi uyabathola yini abantwana. Siyini ngempela isizathu esenza ukuthi athi thola umntwana ngaphambi kokukushada?
Vuka emaqandeni sisi. Cabangela ikusasa lakho nabantwana bakho.
Umbuzo:
Nginengane enezinyanga eziyisithupha nesoka lami esineminyaka eyisihlanu sithandana. Ngithole ukuthi ngikhulelwe futhi. Besisebenzisa ijazi lomkhwenyana njalo uma siya ocansini noma achithele ngaphandle masigcine singalisebenzisanga ijazi. Inkinga manje ukuthi akayithokozele neze lengane yesibili ngesizathu sokuthi sihleze sizama ukuvikela ukukhulelwa uma siya ocansini. Angazi ngenze njani ngoba ukhala ngokuthi isencane le ngane ukuthi isingalanywa.
Okhathazeke kakhulu, eMondlo
Impendulo:
Umntwana noma imuphi uyisibusiso ngisho kungathiwa ufike kanjani emhlabeni. Kusobala ukuthi isoka lakho lisathukile ngoba belingalindele ukuzwa ukuthi sekuzobakhona omunye umntwana ngokushesha.
Ekuqaleni kuba nzinyana ukukhulisa abantwana abacishe balingane kodwa ekugcineni kuyajwayeleka. Ukuze ningazitholi senithola umntwana wesithathu kuzomele nivakashele umtholampilo ukuze banisize ngezindlela eningavimbela ngazo ukukhulelwa. Ngeke kulunge uma nizoqhubeka nokwenza amaphutha anjenga lawa okukhulelwa ningahlelile.
Umbuzo:
Unkosikazi wami nentombi bathole abantwana ngesikhathi esicishe sifane. Unkosikazi yena umthole ngo-Okthoba nyakenye kanti intombi imthole ngoDisemaba. Manje angazi ukuthi unkosikazi ngimtshele kanjani ngalo mntwana wentombi. Okungisabisa kakhulu ukuthi intombi ithole umntwana womfana ekubeni unkosikazi ethole owentombazane lapho ubezimisele ngokuthola owomfana. Angazi ngenzenjani.
Mtshali, Osizweni
Impendulo:
Ayikho into edlula ukuphumela obala noma kunzima kangakanani. Koyoba buhlungu uma ezwe ngabanye abantu unkosikazi wakho futhi kuyoba nzima nokuthi aphinde akuthembe.
Umshado owakhelwe phezu kwamanga usengcupheni yokubhidlika.
Zehlise uxolise ngesenzo sakho futhi kungakuhle uphume uphele entombini ngoba ngeke ushade uphinde ube nentombi eceleni.
Umbuzo:
Ngingumama oshadile, sina-44 weminyaka nomyeni wami kanti sibusiswe ngomntwana oyedwa. Inkinga umyeni ungincisha inkonzo yasekameleni cishe kuyophela unyaka manje. Mangimbuza uvele athi ukhathele.
Konke okuyizidingo zekhaya uyakwenza kodwa yona dololo. Kunezimpawu ezikhombisayo ukuthi kukhona akwenzayo ngaphandle ngoba ngisanda kubamba amajazi omkhwenyana emotweni yakhe. Okumangazayo ukuthi akakaze angalali ekhaya okuchaza ukuthi le mikhuba uyigila emini kabha. Ngabe lo mshado usekhona noma qha?
Igama ligodliwe
Impendulo:
Okubalulekile nokufanele uzibuze kona ukuthi nifike kanjani kule simo enikusona manje. Unyaka isikhathi eside sokungayi ocansini phakathi kwabashadile.
Kuhle uma nishadile nisheshe nizigweme izimo ezinjengalezi.
Awuzange yini wena uqale ngokungafuni ukuya ocansini wagcina umyeni wakho edikibala naye? Phela kumnandi kumuntu wesifazane uma elokhu engafuni ukuya enkonzweni kodwa kubanzima uma owesilisa esengasatholakali naye. Akukuhle ukuthi aphumele ngaphandle uma engatholi lutho ekhaya. Kodwa kumele sikhumbule ukuthi nabantu besilisa bagcina bedikibala uma abantu besifazane belokhu bethi bakhathele noma bayagula uma kuyiwa ocansini. Zibuze ukuthi konakala kuphi. Uma usuzitholile izimpendulo, xoxa nomyeni wakho umubonise lapho iphutha libe khona bese niyalilungisa.