EZOTHANDO
Umbuzo
: Besihlezi kahle yonke le minyaka eyisikhombisa sishadile nomyeni wami. Ubengubaba oqotho nowuthanda kakhulu umndeni wakhe, ikakhulukazi abantwana bethu. Izinto zishintshe ngonyaka odlule uma elahlekelwa umsebenzi, aziphindanga zafana izinto emva kwalokho. Umyeni wami usehlezi enolaka, unenhliziyo encane, into ebesingayazi esasebenza.
Ingathi sihlezi nesilwane endlini. Ngikhathazekile kakhulu ngoba ngiyazi ubengumuntu onjani ngaphambi kokuphelelwa umsebenzi. Angisakwazi ukumelana nale mpilo esiyiphiliswa umyeni wami.
Mam’ Ndlovu, eThekwini
Impendulo
:
Ngikuzwela ubuhlungu ngempela ngoshintshelwa umuntu umazi.
Akusimangazi ukuthi umyeni wakho ashintshe ngale ndlela ngoba wonke umuntu wesilisa uzizwa ebalulekile uma ngabe ekwazi ukunakekela izidingo zomndeni wakhe.
Okuyisizathu esenza nomyeni wakho azibone engasaphelele njengoba engasakwazi ukuninakekela ngendlela ayeninakekela ngayo esasebenza.
Kuyinto ejwayelekile ukuthi mangabe umuntu esezibona engasakwazi ukwenza izinto abekade akwazi ukuzenza ngaphambilini, abe nenhliziyo encane mangabe ebona ukuthi izinto azisafani.
Kubalulekile ukuthi nizwelane naye, akumelanga azibone engelutho ngenxa yokungasebenzi.
Zamani ukumeseka ngayo yonke indlela ukuze angazinyezi. Kodwa okubalulekile ukuthi azi ukuthi akaseyena lo muntu omazi enguye.
Umsebenzi awuyona yonke into. Usengazama ezinye izindlela ezisemthethweni zokwenza imali. Umsebenzi awumfice kukhona akwenzayo ngempilo yakhe. Ukuhlala nje ezidabukela ngeke kulethe isinkwa endlini.
Umbuzo
: Nginezinyanga ezimbalwa ngikhulelwe. Emva kokuthola lezi zindaba ezimnandi ngazisa isithandwa sami esinonyaka sithandana nesesihlala ndawonye naso.
Sivele sangajabula ngendlela ebengizitshela ukuthi sizozojabula ngayo. Ngakusasa saqoqa konke okungokwaso sahamba.
Ngiyazi ukuthi besingayilungiselele le ngane kodwa bengingazitsheli ukuthi umuntu obethi uyangithanda futhi sengihlala naye angavele angishiye ngale ndlela.
Izinyanga ziyahamba, nomntwana uyakhula okwenza novalo luye ngokunyuka. Ngenzenjani?
igama ligodliwe, eGoli
Impendulo
: Uma ukhulelwe udinga abantu obathandayo eduze kwakho ngoba ukukhulelwa kuza noshintsho olukhulu kokhulelwe. Isithandwa sakho sikhombise ubugwala ngokubalekela into ayenzile. Iqiniso ukuthi umntwana uzoyishintsha kakhulu impilo yenu kodwa akusona isizathu sokubaleka leso. Indoda iwa ivuka nomuntu emthandayo.
Sinesiqiniseko kodwa sokuthi ingqondo izobuya emva kwesikhathi. Kusobala usathukile. Okubalulekile njengamanje ukuthi wena uzinakekele ngoba umntwana ukudinga uphila. Umntwana uyazwela mangabe ungaphathekile kahle emphefumulweni. Lesi isikhathi sokusondelana nomndeni nabanye abantu abakuthandayo ukuze ungazizwa uwedwa. Kuzomele wazi ukuthi udinga ukuba nabantu abafunayo ukuba nawe. Ngeke wenzise umuntu into angayifuni. Malingabuyi isoka lakho kuyobe kuchaza ukuthi bekungamelanga libe sempilweni yakho vele.
Umbuzo
:
Ngisebenza kahle njengomcwaningi-mabhuku. Ezikhathini ezedlule benginokuthandana nabantu esisemkhakheni owodwa nabo nabaphila impilo esezingeni elilingana nelami.
Ngisanda kuthandana nowesilisa osebenza umsebenzi othe ukuba sezingeni elingaphansi kwalona wami nohola kancane kunami. Okungimangazayo ngaye ukuthi noma ehola kancane kodwa njalo uma siphumile uye okhokhayo futhi uhleze engenzela izinto ezifana nokungithengela izimbali okuyinto engingayazi kubantu ebengithandana nabo.
Ngiyamthanda kodwa nginovalo lokuthi angijwayele ukuthandana nomuntu ongekho ezingeni lami ngempilo. Nokuthi abantu bazothini sengehlisa izinga kangaka.
Ngabe kubaluleke kangakanani ukuthandana nomuntu osezingeni lakho?
Igama ligodliwe, Mnambithi
Impendulo:
Into ebalulekile ukuthandana nomuntu omthandayo nokuphatha kahle. Siyakubongela ngoba kubukeka sengathi usuhlangene nalowo muntu. Abantu abaningi bachitha impilo yabo yonke bezama ukuhlangana nomuntu ozobenza bazizwe njengoba uzizwe.
Uma kuza othandweni nguwe ekumele uzithathele isinqumo. Abanye abantu ngeke bazi indlela isoka lakho elikwenza uzizwe ngayo.
Uma ekwenza uzizwe uthandwa futhi ekuhlonipha, ayikho into edlula leyo kumuntu wesifazane. Khohlwa abantu, ulandele inhliziyo yakho.
Kuphendula u-Mo noPhindi