Umbuzo:
Sineminyaka emithathu sishadile nomyeni wami. Ungumuntu onezimfihlo ezikwenza ubone sengathi kwaba yiphutha ukushada. Unezingane ezine ngaphandle, nazo ngazitholela ukuthi zikhona. Ngibona sengathi ubengakakulungeli ukushada ngendlela enza ngayo.
Sengicele nokuthi sizame ukuthola usizo kodwa uyala. Ngiyamthanda umyeni wami kodwa le nto iyawubulala kakhulu umshado wethu. Isize yangenelela nasezimalini. Uvele angafuni nokuchaza ukuthi kungani imali ingekho endlini ekubeni sisebenza sobabili. Ngibhekene nobunzima ngicela usizo.
Lungile, eMalvern
Impendulo:
Abanye abantu bathatha isikhathi ukujwayela ukuthi sekukhona umuntu empilweni yabo emuva kokushada. Khumbula usuke uphile impilo isikhathi eside ungenaye umuntu odlulisa yonke into kuyena ngaphambi kokuthi uyenze. Ngakho umyeni wakho kungenzeka ukuthi kusenzinyana kuyena ukujwayela ushintsho.
Zama ukuyingenisa kancane indaba yokuthi kumele nivulelane izifuba njengabantu abashadile uyoze ajwayele. Abanye kwenziwa nayindlela abakhule ngayo. Zibhekisise zonke lezi zinto ngaphambi kokuthi uze ulahle umshado. Kuyisu elihle ukuhlala phansi nabeluleki bezemishado ngoba lokho kuzokwenza ukuthi umyeni wakho akwazi ukuvuleleleka kumuntu angamjwayele lapho uzokwazi ukuthola khona ukuthi yini emenza akufihlele izinto nibe nishadile.
Umbuzo:
Sinonyaka sishadile nomyeni wami. Ngisanda kuthola ukuthi akasebenzi la ayengitshela ukuthi usebenza khona. Udayisa izidakamizwa futhi uyisela. Uhlale ephethe isibhamu ngisho nala ekhaya. Uvele asibeke noma yikuphi. Abangani bakhe yimigulukudu yotsotsi. Sengiyamesaba futhi angiziboni ngikwazi ukukhuluma naye ngalolu daba. Angisafuni impela ukuba la.
Igama ligodliwe, eMlaza
Impendulo:
Kusobala ukuthi kungani umyeni wakho engakutshelanga ukuthi usebenzaphi. Kungenzeka ukuthi unamahloni ngale mpilo ayiphilayo. Futhi kuyimpilo enobungozi phakathi kwenu nobabil.
Kuhle impela ukuthi uyisabe le mpilo ngoba akuyona indlela eningakha ngayo ikhaya lenu le. Okwesibili akathembekanga kuwena ngoba akazange aphumele obala ngempilo yakhe ukuze uzikhethele. Ziningi-ke izigebengu ezishintshe impilo emva kokuhlangana nomuntu ezimthandayo. Ngakho kubalulekile ukukhuluma naye. Kungenzeka ukuthi unezizathu ezenza aphile le mpilo. Abanye bangena ngokungawutholi umsebenzi, abanye ngoba abakwazanga ukuqeda isikole.
Asiboni ukuthi ukhona umuntu okhetha impilo yobugebengu ekubeni ikhona enye engcono. Mbonise ukuthi ikhona enye impilo ngaphandle kwempilo yobugebengu.
Khumbula ukuthi nempilo yakho isengcupheni ngoba uhlala naso isigebengu.
Sinifisela inhlanhla.
Umbuzo:
Asikwazi ukuthola izingane nenkosikazi kodwa mina nginayo ngaphandle eneminyaka engu-12. Ihlala nomama wayo kodwa ivakasha njalo ngamaholidi. Unkosikazi uhlezi ebanga nayo ngisho into enganamsebenzi. Umntwana wami usegcina engasakujabuleli ukuba nathi ngenxa yakhe. Ngeke ngikwazi ukukumela lokhu, futhi uma engashintshi kuzodala enkulu ingxabano phakathi kwethu.
Mxolisi, eMahlongwa
Impendulo:
Akulula ukwazi ukuthi awubatholi abantwana njengomuntu wesifazane ikakhulukazi ngoba abantu besifazane bakhula betshelwa ukuthi uze emzini ukuzokwandisa umuzi ngakho zwelana nenkosikazi yakho.
Kuvamisile kakhulu ukuthi abantu besilisa bayithathe njengento encane ukuthi inkosikazi ayibatholi abantwana. Uze uthole nokuthi noma inkosikazi izama imizamo yokuthola abantwana, owesilisa akayingeni leyo. Ngaleyondlela owesifazane abone ukuthi awumeseki.
Ungathathi ngokuthi inkosikazi yakho inesikhwele somntwana wakho kodwa indlela ebonisa ngayo ukuthi nayo iyakudinga ukwesekwa. Kuvamisile kubantu besilisa ukuthi umuntu akhombise olukhulu uthando emntwaneni okungenza kwesinye isikhathi umuntu wesifazane osempilweni yakho azizwe engenandawo. Cabanga-ke uma wazi
nokuthi awubatholi nabantwana.
Indlela ongasiza ngayo inkosikazi yakho wukuthi umenze azizwe ebalulekile noma engabatholi abantwana. Ngoba abantwana akusona isabelo sawo wonke umuntu. Akazizwe eyinkosikazi ephelele uma enawe noma kukhona umntwana wakho. Kungumsebenzi wakho lowo njengomyeni wakhe.
Kanti nayo inkosikazi inomsebenzi wokwakha ubudlelwano nengane. Kufanele yazi ukuthi iyona endala, efanele ukuklama indawo yomzali noma ingenayo ingane yena. Kodwa ngokwesintu, iwumzali ngenxa yobudala bayo, iwumama wengane yakho ngokuthi iyinkosikazi yakho.