:
Ngingumama, nginabantwana ababili; amantombazane wodwa. Asethe ukukhula kancane ngoba lona omunye uqede U-matric ngonyaka odlule, omunye ufunda uGrade 11.
Ngiyabathanda abantwana bami futhi ngokulinganayo kodwa lona omncane ngathi usethanda ukuphuma esandleni ngendlela yokuthi sengizamile ukukhuluma naye kodwa akezwa mshini.
Ngisho nodadewabo uyazama ukumbonisa kodwa kunhlanga zimuka nomoya ngendlela abathanda ngayo abafana. Usehluleka ngisho ukufihla ngoba noyise useze uyasola ukuthi useqomile.
Ngibona sengathi ngiyahluleka njemgomzali ngendlela aphendula ngayo nangendlela adelela ngayo, angisazi ukuthi ngenzenjani ngoba izingane zanamhlanje azisashawa, sezivele zithi zizokubophisa. Ngicela usizo MaGumede.
: Sawubona mama; kubuhlungu kwesinye isikhathi ukuba umzali ikakhulukazi uma ingane ingasalawuleki. Okwakho kunzima kakhulu ke njengoba uzele amantombazane wodwa.
Kungenzeka ukuthi ingane yakho isabanjwe isigaba sokukhula mhlawumbe, izobuye ibone ukuthi le nto eyenzayo ayilungile kodwa ke futhi kubuhlungu ngoba sekwaba khona izifo ezithathelana ngokocansi kanti futhi nabafana bayakhulelisana.
Kungakuhle uphinde uzame ukuhlala phansi nomtwana umbonise kahle ungakhombisi ukulwa naye uphinde umxwayise ngobungozi bokuthanda abafana.
Angazi noma ungakwazi yini ukumvumela ayohlela umndeni ukuze angakhulelwa.
Ngingubaba, bengishadelwe kodwa ngebhadi unkosikazi wami wadlula emhlabeni, wangishiya nabantwana abathathu. Manje sengifisa ukuthola omunye wesifazane ozokwazi ukungikhulisela abantwana bami ngendlela eqondile.
Inkinga, lezi zingane ziyadelela futhi ziyaqhenya kakhulu, sengike ngazama ukuletha omunye usisi layikhaya zathi azimfuni ngoba akanayo imoto kanti mina nginayo.
Zimhlukumeze ngendlela yokuthi ugcine ehlulekile, wahamba saphetha ngokuhlukana. Angazi ngizokwenzenjani ngoba ngifuna zijabule kodwa futhi manje kubukeka sengathi ngizogcina sengilawulwa yizona ngoba angazi ngizomthathaphi owesifazane onemoto?
:
Kwesinye isikhathi uma singaphika nezimfuno zezingane singagcina sidunyelwa amakhanda. Ngixakwa ukuthi njengoba zifuna umamncane onemoto, zona zinazo yini izimoto okanye zidlala ukuthanda izinto?
Akuzokusiza ngalutho ukwenza into ngoba uthi ujabulisa zona ekubeni wena ungajabulile, unkosikazi ozomthatha ekugcineni kuzoba owakho, hhayi owazo.
Nazo zisazokhula zithandane nabantu ezibathandayo abangazukhethwa uwena.
Ake ube yindoda, uzame ukuqinisa umthetho njengobaba. Ngicela uzihlalise phansi lezi zingane uzibonise.
Kuzosiza ukuthi zazi ukuthi umama ozayo akazile ukuzozihlukumeza nokuthatha indawo kanina ongasekho.
Ngingowesifazane, bengiyingoduso yomuntu obeselobole waqeda nya, kwasala ukuthi ziwushaye nokuthe ngokuhamba kwesikhathi ngathola ukuthi uyangijolela.
Ngizamile ukumbuza waphika kodwa kubuye kwashintsha ngoba intombi yakhe ibisingishayela ucingo ingithuke nokuphethe ngokuthi avume kodwa wathi ngeke akwazi ukuhlukana nayo ngoba uyayithanda futhi useyithembise nokuyenza umfazi wesibili.
Anginankinga nalokho kodwa ngicasulwa yile nto yokuthi le ntombazane iyangithuka ekubeni yazi ukuthi ngikhona futhi ngizibuza ukuthi inombolo yami iyithole kanjani? Lo muntu okwazi ukungithuka engakalotsholwa sizogana kanjani naye indoda eyodwa?
Ngibona sengathi le ndoda iyahluleka ukulawula lomuntu yingakho sengivele ngakhetha ukushiya phansi, kodwa manje Inhliziyo ayivumi ukudlulisa. Ngenzenjani?
: Ngibona indoda yakho ingenamgogodla, futhi iyinuku. Udaba lwesithembu awulwethuli kanje.
Kuyacaca inombolo yakho intombazane iyithole kuye.
Uma indoda yakho ihluleka ukukuvikela kumuntu wesifazane engakamkhipheli ngisho inkukhu le, nizoba nenkinga yangempela.
Inhliziyo iyogcina ixolile sisi, phuma kulo muntu ngeke akusize ngalutho nenjabulo uzogcina uyizwa ngendaba.
Uzomthola umuntu ozokuthanda.
:
MaGumede, ngicela usize dadewethu. Ngunyaka ka-12 lo ngithandana nonkosikazi kamfowethu.
Sathandana naye engakathandani nomfowethu, asizange sihlukane ngathola umsebenzi phesheya, kwaphela ukuxhumana.
Ekubuyeni kwami umfowethu wayeselobole wenza konke, sekusele usuku lomshado. Nami ngaya phesheya sekukhona engihlekisana naye engigcine ngimshadile. Inkinga, sathi noma sesibonana emicimbini yomndeni kwavuka okwakudala. Sibe sesiqhubeka nokuntshontshana esengumakoti wakithi.
Inkinga usanda kungitshela isimanga sokuthi kungenzeka ukuthi zonke izingane zakhe zasemshadweni ezami. Iyangidla le nto angazi ngiyithini.
: Isenzo senu nomka mfowenu siyethusa futhi siyenyanyeka kakhulu. Inzima kakhulu indaba yokuthi seningaqala phansi nazise umndeni ngayo. Mina ngingathi hlukana nomfazi kamfowenu. Ukuqhubeka nalo mjolo wenu kunibeka engozini yokuthi nigcine nibanjiwe, kubhidlike imizi emibili mhlawumbe kuchitheke negazi. Sibucayi kakhulu isimo enizifake kusona nobabili nibhekile. Qhela kuye umtshele ukuthi awusakwazi ukuqhubeka.
- Elawini likaMagumede