Umbuzo
: Nginenkinga usisi ebengizwana naye wangilaxaza emva kokuthi ngiphelelwe umsebenzi. Ngangimthanda ngendlela yokuthi sasikipitile, emuva kokuphelelwa umsebenzi kwaphela nokungihlonipha wangibiza ngesahluleki sendoda into engelutho. Saxabana kwashuba impela waze waqoqa izinto zakhe waphindela emqashweni wakhe. Emva kwalokho wangitshela ukuthi usethole indoda yangempela esebenzayo wathi asihlukane, yize yayibuhlungu inhliziyo yami kodwa ngambongela ngamkhulula wahamba.
Manje sengithole umsebenzi enkampanini eholela kangcono useyaqala manje ungithumelela imiyalezo uyangifonela uthi ucela silungise izinto. Uthi uyangithanda ukuthi nje wayelingekile. Ngivele ngaphela insini ngoba ngiyambona ucabanga ukuthi ngiyingane, ngimtshelile ukuthi nami sengithole owesifazane wangempela ongathandi ukuthi nginani. Ngabe benginephutha yini?
Impendulo
: Lowo muntu akakaze wakuthanda kodwa ubethanda ukuthi unani nokuthi usebenzaphi. Owesifazane oneqiniso nothando lwangempela uwa evuka nesoka lakhe noma lingasasebenzi ngoba ikusasa alaziwa. Umphendule kahle impela futhi hamba ungabe usabuyela emuva ngoba lo muntu wesifazane uzokumoshela isikhathi, uzobuya njengoba ususebenza aphinde ahambe uma usuphelile. Kuyacaca uzogcina usufana nesilima sakhe, hamba kakhulu impela umtshele aphume kuwe ngoba uyakudidisa futhi uyakuphazamisa. Usazomthola umuntu ongeke akulahle noma ungasasebenzi.
Umbuzo
: Ngihlushwa umama wengane, njalo ngenyanga ngimfakela imali yesondlo sengane esavumelana ngaso kodwa kubukeka sengathi usefuna umoya wami manje. Njalo uma ngike ngafaka isithombe salo sisi engizwana naye uvele angithumelele imiyalezo athi ngimatasa nonondindwa ingane iyagula, ngithi angithi imali ngiyakunika ngakho-ke hambisa ingane kadokotela, okanye ngingahluphi ngimfakele imali kodwa aqhubeke nokungeyisa. Angisazi manje ukuthi kumele ngenzenjani ngoba mina naye sesahlukana kodwa akafuni ukwamukela. Ngiyabona manje usebenzisa ingane ukufeza izinhloso zakhe zokusa. Ngicela ungibonise ngenzenjani ukuze ahlukane nami phansi aqhubeke nempilo yakhe?
Impendulo
: Kuyacaca ukuthi usisi lowo uzidlalela isikhwele sokuthi usakuthanda manje uvele aphambane uma ebona ufake isithombe salo sisi ozwana naye manje. Nawe kodwa kungakusiza ukuthi umbhlokhe kuWhatsApp, uma edinga ukukhuluma nawe akufonele kuphela noma akuthumelele umqhafazo uma kunodaba olumayelana nengane. Awumkweleti sithombe nancazelo ngoba senahlukana.
Umbuzo
: MaGumede ngingowesifazane nginenkinga yokuvukelwa into engapheli. Nginabo abantu engithandana nabo ababili kodwa kubukeka sengathi abashayi khona ngoba kunokuthi lehle liyakhula izinga lokuvukelwa, le nto isidale ukuthi ngilahlekelwe abantu ebengizwana nabo ngoba basabela ukuthi ngizothatha amadoda abo. Into engikhathaza kakhulu ukuthi ngisho sizihlalele nje siziphuzela mina ngivele ngizwe intombazane isinyakaza ngenye indlela ngizizwe ukuthi ngihashukile, ngikhathazekile angazi noma ngiyagula yini ngoba ucansi ngiluthanda ngendlela exakile, ngingalenza ngisho kahlanu ngosuku nabantu abahlukene kodwa futhi ngakusasa ngizobe sengihanqatha kungathi angikaze ngithole lutho. Ngicela ungibonise yini engangisiza sisi wami?
Impendulo
: Ucwaningo luyaveza ukuthi kukhona iqeqebana labantu elingadeli ukuzithokozisa ngokocansi akukhathaleki bangalenza kangaki ngosuku futhi ngisho bangalenza nabantu abahlukene akuzweli. Ongoti bathi lokhu kwenziwa ukuba nemizwa enenhliziyo evulekile uma siyibeka ngesiZulu, kwesinye isikhathi kuyenzeka uthole ukuthi awukamtholi umuntu ozokwazi ukukunabisa athole nale ndawana eyaziwa ngeG.spot yakho (ngolwasemzini) ngoba kungenzeka uye ocansini kaningi nabantu abahlukene kodwa uthole ukuthi kubona bonke akekho oyihlaba esikhonkosini. Kungakuhle ukuhashuka kwakho uzame ukukugwema uma uhleli nabantu ngoba bazophelelwa ukukuthemba bazitshele ukuthi uzofuna amadoda abo.
Ngelinye ilanga ubovakashela udokotela wabantu besifazane umxoxele ngale nkinga yakho.
Umbuzo
: Ngineminyaka engu-44, umkami uno-39. Ngo-2016 ngaphelelwa umsebenzi. Bakhona onsumbulwana engibatholayo (R16 000 ngenyanga) kodwa abenele ngoba mina bengihola uR40 0000 uma sekubanjwe intela). Sengiphuza utshwala obushibhile, besijwayele ukuya emaholidini aphesheya nomkami kanye ngonyaka. Bengishintsha imoto njalo emuva kweminyaka emithathu. Izimoto ezintathu esinazo zonke sezaqedwa ukukhokhelwa. Angisenawo amandla amaholidi, igilosa yakwaWoolworths, imoto entsha. Selokhu kwaphela umsebenzi, induku yami ave isishesha ukuwa futhi nami senginolaka la endlini, nomkami yize esebenza alisapheli igama lokubhoreka olwimini lwakhe.
Impendulo
: Zama ukubonana nodokotela oweluleka abanokucindezeleka kungaze konakale. Ngokubuka kwami unokhwantalala, manje seludala ukuthi nenduku iwe. Uma unokhwantalala konakala izinto eziningi emzimbeni njengakho ukukhophoza kwenduku okudala ulaka. Mhlalise phansi unkosikazi umchazele ukuthi isimo sezimali sichaza ukuthi kumele nishintshe impilo eniyiphilayo.
-Elawini likaMaGumede