Ezokungcebeleka

#Ezothando: Ngingahlangana kuphi nowesilisa esizothandana naye?

Intatheli YeSolezwe|Published

Umbuzo:

Ngingowesifazane oneminyaka engaphezu kuka-40 osenesikhashana ahlukanisa nomyeni. Nginenkinga yokuthi akulula ukuhlangana nomuntu engingathandana naye ngoba nginemali futhi abantu besilisa abaningi bazitshela ukuthi nginaye umuntu engithandana naye.

Nginovalo lokuguga ngingedwa. Ngingahlanganaphi nabesilisa abazithembile.

Igama ligodliwe, EMnambithi

Impendulo:

Kunzima ukubalula indawo eyodwa njengendawo lapho ungathola khona abantu besilisa abasezingeni olifunayo. Kulezi zinsuku ungahlangana nomuntu omthandayo noma kuphi. Kumele ube nesineke mawuzimisele ngokuhlangana nabantu abasezingeni futhi kumele uzijwayeze nokushaywa umoya ngoba ilapho abantu bezokubona khona. Akulula ukwazi ukuthi kukhona yini umuntu abathandana nabo ngaphandle kokuthi uzwe ngabo, ingakho abantu ohlangana nabo bezitshela ukuthi kukhona onaye empilweni yakho.

Abantu abaningi futhi kulezi zinsuku sebetholana ngokuhlanganiswa abanye abantu. Abangani bakho bangakuhlanganisa nabantu besilisa ababaziyo futhi abacabanga ukuthi nawe ungabathanda niqale ukubonana ngaleyo ndlela.

Sikufisela inhlanhla.

Umbuzo:

Ngingowesilisa oke washada nowesifazane obemncane kakhulu kunami ngeminyaka. Sengize ngahlukana naye ngoba uvele wangishintshela wafuna ukuphila nontanga yakhe. Kwacaca ukuthi akasathandi ukuba semshadweni wethu. Manje abangani nomndeni wami bathi babengitshelile ukuthi ukushada nomuntu omncane kunami kwakungeke kulunge vele. Ngabe ngenza iphutha yini ngokuhambisa uthando phambili ngangabalalela abantu abangithandayo bengiyala ngalo mshado?

Igama ligodliwe, KwaMashu

Impendulo:

Asiboni ukuthi iminyaka eyenze ukuthi nihlukane. Baningi abantu abashada abantu abancane kunabo kodwa basahlezi kahle nanamhlanje. Kusobala ukuthi inkinga ibina lo wesifazane obushade naye. Ayikho into ongayenza mangabe umuntu engazimisele ukwakha umuzi. Futhi ngeke umphoqe umuntu ukuthi akuthande mangabe engasathandi ukuba semshadweni. Leyonto ayihlangene neminyaka yomuntu.

Sicela ungalilahli ithemba kubantu besifazane ngoba baningi abantu besifazane abazimisele ngokwenza imishado yabo ibe impumelelo.

Umbuzo:

Ngishonelwe umyeni wami ngonyaka odlule. Kusenzima namanje ukukhohlwa umyeni wami. Sengicabanga ngisho nokudayisa umuzi ngithenge kwenye indawo ukuze ngikwazi ukuqhubeka nempilo yami. Inkinga umndeni womyeni wami bona bacabanga ukuthi ukudayisa kusho ukuhlukana kwethu, okungelona iqiniso.

Okhathazekile, EPMB

Impendulo:

Ekugcineni isinqumo kumele sithathwe nguwena kodwa kuhle ukuwazisa umndeni womyeni wakho ngesinqumo osithathayo ngoba awufuni ukuthi babone seningasekho ekhaya bengazi.

Khumbula ukuthi bayohlala bengumndeni kuwena noma engasekho umyeni wakho ikakhulukazi njengoba kukhona abantwana phakathi kwenu.

Kuyinto ejwayelekile ukufuna ukuqala kabusha emva kokushiywa umuntu omthandayo ngoba usuke ubalekela izinto ezikukhumbuza lowomuntu.

Ngakho kubalulekile ukuthi uwazise umndeni kamyeni wakho ukuthi uyawuthanda futhi bayohlala bengumndeni wakho nabantwana nomangabe nihlalaphi. Bafuna ukwazi ukuthi ngeke nibalahle.

Khumbula ukuthi abantwana iyonanto ekhona ebakhumbuza indodana yabo ngakho banovalo lokulahlekelwa yibona mangabe niyakohlala kwenye indawo.

Akukho okudlula ukuhlala phansi nomndeni uwuchazele ngesifiso sakho, nokuthi ngeke kushintshe lutho phakathi kwenu.

Umbuzo:

Ngiyabikelwa njengoba kuzovulwa izikole ekuqaleni konyaka ngoba sihlezi silwa ngento eyodwa nomyeni wami. Wazi ukujabula nabangani ngalesi sikhathi sonyaka akhohlwe nya ngendaba yokuvulwa kwezikole. Sengikhathele ukuhlale ngiboleka imali kubangani nasemndenini ekubeni akekho umuntu ongazi ukuthi uma kuqala unyaka abantwana baya esikoleni.

Nokuthula, eMgababa

Impendulo:

Ukuqala konyaka yisikhathi esinzima emindenini eminingi. Kuthiwa siya ngokunyuka isibalo sabantu ababoleka imali njalo ngokuqala konyaka ngoba abantu abaningi basuke bengazilungiselele.

Abantu kumele befunde ukulungiselela ukuvulwa kwezikole ngoba kuyinto eyenzeka yonke iminyaka. Nawe sekumele umsize umyeni wakho manje ngokuthi uyigcine kuwena imali yesikole ngoba usuyazi ukuthi unyaka nonyaka nikhuluma into efanayo.