Umbuzo:
Sawubona sisi MaGumede, ngicela ungibonise lapha nakhu ngisenkingeni. Ngingowesifazane ngithandana nobhuti wokufika kuleli ungowokudabuka eMalawi. Ngiyamthanda impela MaGumede futhi ngizimisele ukuba naye impilo yami yonke.
Ezinyangeni ezedlule uke wakhuluma ngendaba yokuya kovela ekhaya, ayi impela ngajabula nami ngoba ngiyamthanda.
Inkinga ekhaya ngithe uma ngiyixoxa le nto babhoka ngolaka bathi sengifuna ukubalethela izilwanyakazana layikhaya.
Umama uyena nje oyihlabe wayihlikiza wathi maningi kabi amadoda la ngaphandle ukuthi sengingaze ngigane indoda engingayazi ukuthi eyakuziphi izinkalo.
Usho nokusho ukuthi ngiyokwenzenjani uma ngifika ngiphekwa le eMalawi. Lo bhuti sengithandane naye cishe iminyaka emine futhi unomuzi khona la eThekwini ngoba ngisho singashada siyoqhubeka sihlale lapha kodwa siye kubo ngokuyovakasha.
Manje angazi le nto ngizoyenzenjani sisi ngoba ngiyamthanda futhi angeke ngize ngimyeke.
Impendulo:
Sawubona sisi wami, ngiyayizwa impela inkinga obhekene nayo futhi ibuhlungu kakhulu ngoba angazi basavelaphi abantu abafana nabantu bakini abasacwasa abantu bokufika kuleli, ngoba sonke singabantu abamnyama.
Kuyacaca ukuthi sikhulu isikole okusamele sifakwe kubantu bakini ukuze bezokhipha le nto abazitshela yona.
Okwamanje awuthi ukubayeka kancane kodwa uqhubeke nokuzithandanela nomuntu wakho kodwa kungakuhle ungamtsheli iqiniso ukuthi kungani kuzomele alinde kancane ukuya kini ngoba mhlawumbe lokho kungamenza adikibale abone ukuthi akafunwa umuntu kini futhi azibone engelutho.Sisi wami ungavumeli abantu bakini noma ngabe ubani akutshele okanye akukhethele ukuthi ubani okufanele uthandane naye nokungafanele uthandane naye.
Okubalulekile ukujabula kwakho nomuntu wakho ngoba omunye umuntu oseceleni angeke anenzele lutho.
Umbuzo:
Sawubona sisi MaGumede ngicela ungibonise dadewethu. Ngingowesilisa ngithandana nomunye usisi nje engimthanda ngenhliziyo yami yonke kodwa manje ngihlukumezekile.
Uyangihlukumeza lo muntu wesifazane bakwethu. Ukhuluma noma yikanjani nami ngisho phambi kwabantu akanginiki isithunzi sami njengendoda. Ngiyamthanda sisi MaGumede futhi akuphumeki kuye ngoba ngike ngazama ukumshiya kodwa ngabuye ngamncenga mina futhi.
Ngelinye ilanga sibe nokuhilizisana okuncanyana wavele wadinwa wangiqulela ngepuleti lokudla abekuphethe, hhayi ngoba ngimsaba kodwa ngake ngamthusa ngempama wavele watshela abafowabo bathi bazongidubula. Manje sengiyasaba.
Ngiyacela MaGumede ungibonise ukuthi ngingenza kanjani ukuphuma kule nkinga engikuyona. Akusavumi nakimi ngoba ngibukeka njengesiyoyoyo sendoda.
Impendulo:
Sawubona bhuti wami, kubuke sengathi ubhekene nenkinga enkulu ngempela kulolo thando.
Okwamanje ungasheshe ufune ukumshiya ngoba kuyacaca ukuthi inhliziyo ayikadeli uyena, yekela inhliziyo ize izanelise ngaye lapho-ke uzobona kuzophumeka kalula kuyena.
Mhlawumbe futhi naye akazenzi kodwa unenkinga anayo adinga usizo kuyona okanye wake wahlukumezeka phambilini.
Bakhona nabaluleki bezothando abaqeqeshiwe, mhlawumbe nabo bangakwazi ukunilekelela kule nkinga yenu ngoba uyasho ukuthi usamthanda.
Kungenzeka futhi uthi uyamyeka uvele uthole ogxajelwa ikhanda. Sukuma uhambe uyomfunela usizo mhlawumbe uzolujabulela ngoba kubukeka sengathi ikhona inkinga anayo.
Umbuzo:
Sawubona dadewethu ngingumlandeli omkhulu wengosi yakho.
Ngingowesilisa osethe ukuqinelwa ukhakhayi impela. Yebo likhona itoho engilibambayo kodwa manje nginenkinga yokuthi nginebhadi lokuthola abantu besifazane abathanda kakhulu izinto ngendlela yokuthi umholo wami ugcina usuphelela endleleni ngigcine ngingasakwazi ukuziphilisa mina uqobo ngoba nasekhaya futhi babheke mina.
MaGumede, osisi engibatholayo bayabiza kakhulu ngoba bavele bafune izinto ezibizayo kanti mina ngiyile nhlobo yendoda engakwazi ukunqaba nokuncisha umuntu wesifazane into.
Ngize ngizibone sengathi angiphilile kahle ekhanda ngenxa yokuthi ngincamela ukulala ngingadlile impela kunokuthi yena angayitholi le nto ayifunayo.
Impendulo:
Ayi bengingazi ukuthi asekhona amadoda afana nawe, alala engadlile ngoba enakekela izintombi zawo.
Angazi ukuthi ngizokwenza kanjani ukuthi uwuyeke lo mkhuba wakho wokudiza kangaka.
Nginesiqiniseko ukuthi nasendaweni usuyaziwa ukuthi ungumaliyavuza futhi abantu besifazane sebenegama abakubiza ngalo.
Akushiwo ukuthi ungamnakekeli umuntu wakho kodwa kumele nawe ungazilibali. Uma ungenayo imali, akulona icala lelo. Menzele lokho onamandla akho.
Kusukela manje yenza izinhlelo ngemali yakho ukwazi ukuzikalela ukuthi yini nani ozoyenza esemqoka. Lokho kuzokusiza ukuthi ungagcini usulala ungadlile.
- Kuphendula uDistance Gumede