Umbuzo
:
Ngineminyaka ewu-27, sinezinyanga eziyisishiyagalombili sithandana nesoka lami. Ngihlangana nalo lathi liyahlukanisa nonkosikazi walo. Njengamanje ngikhulelwe ingane yalo kodwa lilokhu lingibelesela ngokuthi licabanga ukubuyela kunkosikazi walo futhi nabakubo bayalixina ngokubuyela kunkosikazi.
Aliyamukeli eyokukhulelwa kwami futhi lithi ngenze ngamabomu. Manje lingifakela ingcindezi yokukhipha isisu. Ngiyabazi ubunzima bokukhuliswa umzali oyedwa ngakho nginovalo lokukhulisa ingane ngingedwa kodwa futhi ngiyazi ukuthi unembeza wami uzongilahla uma ngiqhubeka ngikhipha isisu. Ngenzenjani?
Thuli, eLamont
Impendulo
:
Siyazwelana nawe ngalesi simo ozithola usukuso. Kusobala ukuthi ubengazange ahlukane nonkosikazi kwasekuqaleni lo muntu othandana naye. Kuyenzeka ukuthi ngokuxabana okuncane omunye abone kungcono ukubheka engxenye bese kuthi uma sekulunga obekubaxabanisile ashiye la ebesezinze khona.
Nawe bekumele ube nesiqiniseko sokuthi uhlukene nonkosikazi wakhe njengokusho kwakhe. Ukwenzele okukhulu ukungathembeki ngokuthi aye nawe ocansini azi kahle ukuthi akaqedile emumva. Ziyenzeka-ke izinto ezinjalo empilweni.
Okubalulekile manje yilo muntu osumthwele. Umntwana ngisho noma efike kanjani uyisibusiso esikhulu ngakho ungavumeli ukuthi akwenzise intando yakhe noma wazi wena ukuthi ukukhipha isisu akuhambisani nawe.
Yisikhathi sokuthi umele iqiniso. Yebo lenzekile iphutha wathandana nomuntu ongenaqiniso kodwa kunomphefumulo okumele uwucabangele.
Nawe ukhuliswe umama yedwa kodwa naku uyaphila. Ngabe kwenzekalani ukube umama wakho wakukhipha ngoba esaba ukukukhulisa Yisikhathi sokuthi ukhule ngokuthi umele into oyiqalile.
Umbuzo
:
Nginenkinga yendoda echamela isihlalo sethoyilethi. Angisazi impela ukuthi kufanele ngenzenjani. Indlela ecasula ngayo le nto sengize ngisebenzise ithoyilethi labantwana. Ngibuye ngimncishe nenkonzo yasekamelweni ngizama ukumkhombisa indlela eyisidina ngayo le nto. Uma sengenza njalo kubuye kuvuke enye impi enzima kabi. Ngicela izeluleko.
Igama Ligodliwe
Impendulo
:
Uma kuyinto enike nayikhuluma nomyeni wakho futhi wamchazela indlela engakuphathi kahle ngayo le nto ayenzayo kubi uma eqhubeka phezu kokuthi usukhulumile naye.
Njengoba sihlale sisho, ukuhloniphana nokucabangelana kungumgogodla womshado. Uma omunye eqhubeka nokwenza into osushilo ukuthi ayikuthokozisi akakuhloniphi.
Asikho isidingo sokugodla ucansi ngenxa yokungaboni ngaso linye nomyeni wakho. Ngakho asihambisani nesenzo sakho.
Ayikho into eningeke nikwazi ukuyilungisa uma nihlala phansi niyikhuluma njengabantu abakhulile. Okubalulekile ukukhuluma amaphaphu ephansi ngoba uma nikhuluma amaphaphu ephezulu umyeni wakho uzozivikela ngokuthi akakuzwa ukuthi uthini. Funa isikhathi esihle bese uyayikhuluma lendaba naye umubonise ngendlela ehloniphekile ukuthi awusijabuleli esenzo sakhe.
Kona siyazi ukuthi kunzima ukushintsha indlela osuyijwayele kodwa emva kwesikhathi uyogcina esejwayele. Zama nje ukuthi umkhumbuze ngendlela ebonisa uthando kunokumbonisa iphutha lakhe ngendlela elwayo. Sinesiqiniseko sokuthi umyeni wakho uyogcina ekuyekile lokhu akwenzayo.
Umbuzo
:
Unkosikazi wami usanda kuthola umsebenzi omenza umphathi nomholela kahle. Anginayo nencane inkinga nalokho. Yinye nje inkinga yami, wukuthi ufika nawo umsebenzi awulethe ekhaya.
Akasazazi izingane futhi nami nginokumkhohlwa njengenkosikazi yami ngenxa yokungatholakali kwakhe. Uhleze esebenza uma esekhaya noma ahlale engekho ngoba esemsebenzini. Into enhle njengomsebenzi isiqala ukuba isiqalekiso Usenezinkulumo zokuthi mina nginomona ngokudlondlobala kwakhe. Iyangihlukumeza indlela asekhuluma ngayo.
Mthunzi, eThekwini
Impendulo
:
Kuyinto enhle ukuthi uyamjabulela unkosikazi ngokudlondlobala kwakhe ngokomsebenzi. Kuhle futhi ukuthi umazise ngalokho ukuze angalinge acabange ukuthi uyamumonazela.
Kungenzeka ngempela ukuthi ngenxa yokuthi umsebenzi omusha akuwo uzama ngazo zonke izindlela ukuphumelela kuwona okwenza agcine engasaboni ubungozi bokusebenza kwakhe ngokweqile. Alikho iphutha ngokusebenza kanzima kodwa kubalulekile ukuthi enze isiqinisekiso sokuthi akaphazamisi izinhlelo zasekhaya ngenxa yomsebenzi.
Kumele aqale ngezinto ezincane njengokuthi azame ukwenza wonke umsebenzi emsebenzini ukuze uma efika ekhaya abe umama ngokuphelele. Uma kungalungi lokho ngenxa yomsebenzi anawo angazama ukusebenza uma abantwana sebelele ukuze basithokozele isikhathi nonina. Kubalulekile ukuthi acaze isikhathi sakhe ngendlela ukuze kungabi bikho ukukhala okunjengalokhu.