UMBUZO
: Ngingowesifazane osemncane osanda kuhlukanisa nendoda ebengishade nayo iminyaka. Akulula ngempela ukuba wedwa emva kwesikhathi eside nomuntu oyedwa ikakhulukazi uma beningenabo nabantwana. Ukuba besinabantwana ngabe ngisiqeda ngabo isizungu. Manje angazi nokuthi ngiqalephi kwezothando nokuthi sengikulungele yini. Ngicela ukwazi Mo noPhindi ukuthi ngizokwazi kanjani uma sengikulungele ukuba nomunye umuntu empilweni yami nokuthi singakanani isikhathi okumele ngisihlale ngaphambi kokuvuleleka kwabanye abantu besilisa?
Ntombi, eNtuzuma
Impendulo:
Asikho isikhathi esibekiwe ngaphambi kokuthi ubuyele kwezothando. Abantu basuke behlukene ngezizathu ezehlukene ngakho nesikhathi abazosihlala sizohluka. Abanye badinga isikhathi eside sokululama emva kokuhlukanisa kanti abanye abadingi isikhathi eside ngenxa yokuthi bese bevele bekulindele ukuhlukanisa besashadile. Kubalulekile kodwa ukungajahi kwezothando emva kokuhlukanisa ukuze uzinike isikhathi esanele sokuthola nokuthi ufunani empilweni nokuthi ufuna ukuhlangana nomuntu onjani. Isikhathi sakho uwedwa sibaluleke kakhulu njengamanje ukuze ungangeni nezinkinga ozithole ebudlelwaneni ophuma kubo. Okwamanje jabulela isikhathi sakho ngaphandle kokuzikhathaza ngezindaba zothando.
Umbuzo:
Ngihlukene nesoka lami ebengilithanda kakhulu nokuyilona ebelingumngani wami. Manje njengoba kuza izikhathi zikaKhisimusi ngiyazibuza ukuthi ngizoba yini ngaphandle kwalo. Amaholidi ngeke aphinde afane. Besenza yonke into ndawonye, singahlukani ngisho siyaphi. Manje sengiyazisola ngesenzo sami.
Ngabe ngenza iphutha uma ngiyicabangisisa le nto yokuhlukana kwethu ukuze amaholidi afike sisendawonye.
Nonjabulo, eThekwini
Impendulo:
Sinesiqiniseko sokuthi anihlukananga nje kungenasizathu. Ukubuyelana ngenxa yamaholidi ngeke kuxazulule izinkinga zenu. Wena qina esinqumeni osithathile, ungavumeli into encane njengamaholidi imise impilo yakho. Siyavuma kona ukuthi akulula ukuhlukana nomuntu obeyikho konke empilweni yakho kodwa ake uzibuze ukuthi yini eyenze nahlukana kwasekuqaleni, ubona ukuthi leyo nto izophela yini ngezikhathi zamaholidi? Kubalulekile ukufunda ukuzimela noma kunzima kangakanani. Isikhathi samaholidi esokukhombisa uthando kwesibathandayo ngakho nawe akube yisikhathi sokubuyelana nomndeni wakho nesokwakha abangani abasha.
Umbuzo:
Ngingowesilisa osanda kuhlangana nowesifazane engimthanda ngenhliziyo yami yonke. Sengikulungele nokumveza emndenini wami kodwa kunenkinga eyodwa, unabantwana ababili. Nginesiqiniseko sokuthi umndeni wami ngeke umamukele ikakhulukazi njengoba mina ngingenabantwana. Ngibona sengathi kumele ngikhethe phakathi komndeni wami nomuntu engimthandayo. Ngenzenjani?
Igama ligodliwe
Impendulo:
Uthando luyohlezi luhamba phambili. Yebo kunabantu imindeni yethu esifisela ukuthi sishade nabo kodwa ekugcineni wena kumele ushade nomuntu othandwa nguwe. Sibona kuyinto enhle ukuthi umveze emndenini ngoba uzimisele ngaye. Kungumsebenzi wakho futhi ukumvikela emndenini wakho. Kubeke kucace ukuthi uyabathanda futhi uyabahlonipha kodwa nawe ungathanda uma behlonipha izinqumo zakho. Akekho umuntu onelungelo lokungena phakathi kwabantu ababili abathandanayo ngisho umndeni imbala. Uma nithandana ngokweqiniso, uthando lwenu luzomelana nalezi zingqinamba. Sinifisela okuhle.
Umbuzo:
Uyise wendodakazi yami akasebenzi okwenza angakwazi ukusinakekela ngendlela efanele. Ngenhlanhla ngiyasebenza okwenza isimo sibe ngcono. Ekuqaleni kwakungenzima kakhulu futhi ngangihleli ethembeni lokuthi uyogcina ewutholile umsebenzi kodwa kuphela unyaka kungekho okuvelayo. Sengivele ngicasuke ngisho ethi ufuna ukuzobona umntwana ngoba angazi uzombona nani engamphathele lutho. Manje angazi noma wenza ngamabomu yini ngoba ebona ukuthi mina ngiyamnakekela umntwana ngaphandle kwakhe. Ngabe ngiyona uma ngimvimba ukubona umntwana kuze kube useyasebenza?
Igama ligodliwe
Impendulo:
Kuyobe wenza elikhulu iphutha ngokumvimba ekuboneni ingane yakhe ngenxa yokuthi akasebenzi. Yebo imali iyadingeka ekukhuliseni umntwana ngendlela kodwa ayisiyo yonke into. Umntwana udinga uthando lukayise ngaphezu kwemali. Okwakho ukumsiza lapho ungamsiza khona ukuze athole umsebenzi. Msize acabange ezinye izindlela zokwenza imali esalinde ukuwuthola.