Ezokungcebeleka

Ezothando: Ngifisa silande izingane zomyeni wami

ELAWINI LIKA MA-GUMEDE|Published

Umbuzo: Ngingowesilisa (27), ngithandana nowesimame esiqhelelene ngokuhlala ngoba useSouth Coast, mina ngiseThekwini.

Nginenkinga, sengiqala ukungamethembi. Efonini usebuye angatholakali, akasafoni. Ubejwayele ukungibhaza ekuseni, emini nantambama, ngimufonele. Akasakwenzi lokho.

Kwaqala kukuhle othandweni, wakhulelwa, wasikhipha isisu. Uma esho uthi waphoqwa ngabazali, ngamxolela kulokho, sathandana.

Inkinga yami sengiqala ukungamethembi ngoba abejwayele ukukwenza akasakwenzi. Usenokukhuluma nami noma ikanjani, angisazi yikuphi okufanele ngikwenze ngoba ngiyamthanda, ngizimisele ngaye.

Impendulo: Ikhona inkinga umuntu wakho anayo ngakho kumele uzame ukukhuluma naye, uthole ukuthi yini le esidala uguquko.

Kepha kumele wazi ukuthi uthando ludinga abantu ababibili ukuze lusebenze. Angikuzwa ukhuluma ngokumfonela wena kepha umbeka izici nje kuphela. Wena ubanjwe yini ukuthi umfonele? Yini ulinde ukuthi akuthinte yena kuyima umfonela?

Kungenzeka naye akazixaki ngokukuthinta ngoba nawe awufoni. Nawe zinuke amakhwapha.

Umbuzo: Ngingowesifazane, ngihlala nomuntu engizwana naye. Konke bekumnandi ngisafika kodwa manje ngiyabona sekukhona ushintsho olukhulu.

Ngisola sengathi useqonyiwe ngoba ngisho efika ephuma emsebenzini akasahlukani nefoni. Ngisho sidla okanye sixoxa, umthola esehleka yedwa evuma ubala ngisho engezwanga ukuthi ngithini.

Sengike ngazama ukukhuluma naye ngale nto kodwa kubukeka sengathi ngithela amanzi emhlane wedada, akezwa mshini. Ngiyamthanda kodwa manje ngibona sengathi ngenza iphutha ngokuzohlala naye ngoba akasakwazi ukwenza izinto zakhe akhululeke.

Ngicela ungibonise ngenze njani? Sihleli nje akangikhiphele lutho futhi uyasebenza mina angisebenzi.

Impendulo: Yize ngingasitholanga isizathu esadala ukuthi nigcine senihlala ndawonye kodwa angikukhuthazi ukukipita nomuntu ongakukhiphele ngisho uzukwa.

Ingozi yokukipita nendoda engakulobolile yile yokuthi izobona zonke izici zakho bese iba madolonzima ukuyovela kini.

Kuyacaca ukuthi kukhona abamjabulisa kangcono efonini kunawe.

Njengoba esebenza wena ungasebenzi, vele ulimi lwenu ngeke lufane. Zama ukuzitholela okungamatoho ukuze ukwazi nawe ukuba nezinto zakho.

Ngingakucebisa ngokuthi uphindele kini sisi umchazele ukuthi iyinkinga indaba yokukipita engalobolile.

Usuyombona ngokumvakashela.

Umbuzo: Nginomntwana onezinyanga ezinhlanu kodwa uyise sesahlukana naye, futhi iyangihlukumeza le nto ngoba ayikho into eyasihlukanisa. Ngifisa ukwazi ukuthi ngingenzenjani ukuze sigcine sibuyelene ngoba mina ngisamthanda kodwa yena akazi ukuthi ngiyamthanda?

Asifonelani nhlobo, asibhalelani ngisho nemiyalezo, ngisho ingane akabuzi ngayo, futhi akayondli. Nami angizixaki ngokufuna imali yesondlo kuthulekile nje akekho ohlala nomntwana phakathi kwethu, ingane ihlala nomama ekhaya futhi nguyena oyenzela konke.

Ngicela ungisize, ngifuna silungise izinto naye sibuyelane ngoba ngiyamthanda, ukuthi nje sobabili sidlala impakamo kanti angifisi ingane ikhule ngaphandle kukayise.

Impendulo: Uqinisile impela uma uthi nobabili nidlala impakamo ngoba anikwazi ukuvele nizibane nje ngaphandle kwesizathu ekubeni ninengane nobabili.

Kuyacaca ukuthi ikhona le nto okumele nikhulume ngayo niyilungise ebese yena njengobaba wengane akhiphe izidingo zengane ngoba ngisho ngabe umama wakho uyayondla ingane kodwa ekugcineni kumele naye akhiphe okuthile.

Mhlawumbe kungakuhle umfonele ucele nibonane, nihlale phansi nikhulume ngengane. Kuzosiza ukuthi ugxile kakhulu enganeni ngoba ukuzibana kwenu kunezinkomba zokuthi mhlawumbe yena useqhubekile nempilo.

Umbuzo: Sinomyeni wami sisezinhlelweni zokuthi sithathe izingane zakhe ezimbili azithola ngaphambi kokuba sishade, zizohlala nathi ngoba iyangikhathaza le mali ephuma nyanga zonke iye kunina wezingane.

Okubi ungumuntu okhonze impilo ephezulu notshwala. Izingane uma zisivakashele akukhombisi ukuthi zizalwa ngabantu abasebenza umsebenzi osile, kanti ngiyazi uyawuthola uR5 000 njalo ngenyanga umama wezingane, aqede aswenke ngaleyo mali. Ngike ngidabuke ngizithengele izingubo nami yize unina esebenza.

Uma ngiphakamisa indaba yokuthi zihlale nathi lezi zingane, umyeni wami uyena obhoka ngolaka athi ngeke avume nazo unina wezingane.

Ngingenzenjani ngoba azihleli kahle lezi zingane kunina, futhi kuzonciphisa nezindleko ukuthi zihlale nathi, sinawo amakamelo anele zona.

Impendulo: Kona kunzima ukuthi lolu daba lungaxazululwa nguwe. Ngicabanga ukuthi umyeni wakho uma ezimisele angaya enkantolo yesondlo afake isicelo sokuhlala nezingane unomphela. Kodwa uma engazimisele ngalokhu kuzoba nzima. Kuhle nje kodwa ukuthi unomfazi onjengawe okhathalele izingane zakhe.

Ngingakucebisa ngokuthi ukhulume nabadala emndenini bambonise ngoba uma sezingaphansi kophahla lwenu zizokhula ngomthetho owodwa. Ungadikibali, luqhamukele ngazo zonke izindlela lolu daba.