KUNETEMU elidumile lokuthi uma umuntu eseneminyaka engu-30 usuke esehlanganise ikhalenda nokuchaza ukuthi usemdala ulingana nezinsuku zenyanga ekhalendeni.
Indaba yobudala imataniswa nanomshado. Owesilisa ongaganiwe okubonakala iminyaka isihambile, uze abizwe ngempohlo ngenhloso yokumgqumgquzela ukuthi athathe.
Phezu kokuba kukhona ukufakwa kwengcindezi kwabesilisa abangaganiwe, kukhona okungadikizi nqulu kubona. Abanye babo sebeyohlanganisa iminyaka engu-40, abanye badlula kodwa basazihlalele.
UJustice Ramohlola ongumsakazi weRadio 2000, ungomunye wabangayikhulumi eyokuganwa.
Ekhuluma kuwona lo msakazo muva nje, uziphendulele ngokuthi kungani esayimpohlo. Ubebuzwa wuzakwabo uDavid Mashabela engxoxweni yokumvalelisa ohlelweni lwasekuseni.
UJustice uthe akananxa nomshado, yize abanye becabanga ukuthi uyawugxeka.
“Umshado anginankinga nawo futhi muhle. Ngicabanga ukuthi awungifanele ngendlela oyinto enhle ngayo. Ngeke ngilunge ukuganwa ngoba ngiyancikisela kakhulu,” kusho yena.
UMnuz Mphathi Mkhimkhulu waseMlaza (40), uthe mancane amathuba okuthi usengaganwa. Uthe yinkulu ingcindezi yokuthi aganwe ngenxa yokuthi abangani bakhe sebeganiwe.
“Ukuganwa bengikuthanda kodwa inkinga angisamboni umuntu engingamthatha. Owesifazane owayengaba umkami sahlukana. Ngeke esangethemba uma ngimthembisa umshado ngoba sengamphoxa kaningi,” kusho yena.
Ezinye izizathu ezivezwa abesilisa, ukubiza kwelobolo nokutsheka kwesimo somnotho. Abanye abesilisa abakholwayo abangazimisele ngokugana, baye balinganise ngoMphostoli uPhawuli eBhayibhelini, okuthiwa wayengaganiwe nasemibhalweni yakhe wayengakukhuthazi.
Oyisazi samasiko, uMnuz Madoda Zungu, uthe igama lobumpohlo liyisici elisetshenziswa ukuze abesilisa bakhuthazwe ukuganwa.
“Kudala bekulindeleke ukuthi umuntu aganwe uma esedlule esigabeni sobubhungu, adlulele ebunsizweni. Awukwazi ukungena ebudodeni ungaganiwe. Ngisho usuneminyaka emingaki awubizwa ngendoda,” echaza.
Uthe kwezinye izindawo owesilisa ongaganiwe ungcwatshwa ekuseni ngoba kuthathwa ngokuthi akukho nkosikazi ezomzilela.