Umbuzo: Umyeni wami weminyaka eyisishiyagalombili wathola ingane ngaphambi kokuthi sishade nowesifazane athi wayengamthandi kodwa wayedlula nje. Umntwana usekhulile kodwa akaxolile ngesenzo sakhe lapho mina sengadlula lapho.
Njalo uma ngiphatha indaba yale ngane yangaphandle kuvele kushintshe umoya endlini. Igama ligodliwe
Impendulo:
Kusobala ukuthi umyeni wakho usazisola kakhulu ngesenzo sakhe ingakho kunzima ukuthi axole. Akulula ukumithisa omunye umuntu kodwa ube uthandana nomunye. Kuzomthatha isikhathi ukuthi isimo sibuyele kwesijwayelekile, ikakhulukazi njengoba umeseka kangaka. Nawe kubalulekile ukuthi uzibheke ngoba kusengenzeka ukuthi sakuphazamisa isenzo somyeni wakho. Kumele wenze isiqiniseko sokuthi ubhekane nesenzo somyeni wakho.
Phumela obala ngemizwa yakho ukuze nawe uthole ukwelapheka okudingayo.
Umbuzo:
Nginenkinga kadadewabo kamyeni wami ongangithandi. Ekuqaleni ngangizitshela nje ukuthi ingoba bebezwana kakhulu nomyeni wami emva kokushona kwabazali besebencane. Okuphinde kube nzima kakhulu ukuthi umyeni wami nguye owokugcina. Kodwa manje sekuyiminyaka sishadile namanje asidonselani amanzi. Ayikho into engiyaziyo eyenzeka phakathi kwethu.
Le nto isiqala ukubonwa ngisho abantwana bethu ngoba sebekhulile. Ngenzenjani ukulungisa isimo singakabhebhetheki kakhulu?
Okhathazekile, oTangaat
Impendulo:
Abantwana uma beshiywe abazali bazwana kakhulu kunakuqala ngoba bazi ukuthi kumele babambane ngoba sebesele bodwa. Ukufika komunye umuntu phakathi kwabo kuletha uvalo sengathi uzongena phakathi kwabo, ubahlukanise.
Ingakho udadewenu wasemzini ebona sengathi uzomthathela umfowabo. Kubalulekile ukuthi umazise noma umenze abone ukuthi uwuzile ukuzomthathela umfowabo amthandayo. Musondeze ukuze azibonele ukuthi uthole usisi kuwena hhayi isitha.
Kwenze kube umsebenzi wakho ukuhlanganisa umndeni ikakhulukazi abantwana okuyibona abayosala noma seningasekho nina.
Qala ngokwenza imicimbi emincane lapho nizohlanganisa abantwana benu ukuze azibonele usisi ukuthi niwumndeni. Umbuzo:
Nginenkinga kanina wengane ofuna ukungena phakathi kwami nonkosikazi wami. Wenza konke okusemandleni akhe ukusihlukanisa. Usesebenzisa ngisho ingane yethu kulezi zinsuku ngokuthi angafuni ukuthi ngibone ingane yami. Angisazi ukuthi ngenzenjani ngoba ngiwenza wonke umsebenzi wami njengoyise womntwana. Angifuni ngize ngizisole ngokuletha lo mntwana emhlabeni. Kwenziwa njani ngempela uma kunje?
Igama ligodliwe, PMB
Impendulo:
Umntwana akanacala kuko konke loku. Isikhathi esiningi abantu besifazane abenza njengaye abantu abangazimisele ngokushiywa umuntu wesilisa.
Akukho ongakwenza ngabantu abanjalo ngaphandle kokuthi umtshele nje ukuthi akukho okusengalunga phakathi kwenu, ikakhulukazi njengoba sewushadile. Kumele ukubeke kucace ukuthi usushadile futhi uthokozile ngomshado wakho.
Kubaluleke kakhulu nokuthi uvikele unkosikazi kubantu abanjengalaba ngoba kulula ukuthi ubone unkosikazi wakho esebona sengathi ubanga nonina wengane. Uyohlala engunina wengane yakho, akukho akungashintsha lapho. Mazise futhi nokuthi uyohlala ungubaba oqotho kumntwana wenu noma ushadile ukuze angawuboni umshado wakho uyisithikamezo phakathi kwakho nomntwana wenu.
Umbuzo:
Seneminyaka emine siganene nomkami. Inkinga yakhe useqale ukungangazi nokuthi ngiyini. Angazi noma kwenziwa ukuthi useqale ukuphuza utshwala futhi usenabangani engingabathandisisi kahle.
Uma ngimkhuza uvele abhoke ngolaka angiphendule noma ikanjani, into abengayenzi. Sengiqala nokusola ukuthi mhlampe usenomunye umuntu - kwazibani.
Jobe, Harrismith
Impendulo:
Jobe, akekho umuntu ovele ashintshe nje esikhaleni. Kukhona okumfikise lapho ekhona manje. Ake uzinikeze isikhathi nesineke sokukhuluma naye kahle. Zama ukuthi ungamlwisi ukuze akwazi ukukuvulela isifuba. Abantu abajwayele ukushintsha njengaye kusuke kukhona okubakhathazayo okwenza baziphathe ngale ndlela.
Ungamulwisi ngabangani ongabathembi ngoba uzofuna ukuvikela abangani bakhe kuqala okuzokwenza ukuthi wena akuphushele eceleni. Musondeze eduze kwakho ukuze akuthembe, nixoxe. Impendulo yakhe izokunika umhlahlandlela ngempilo yenu. Okuhle kodwa.