Ezokungcebeleka

Ezothando: Kubathatha isikhathi esingakanani abesifazane ukufinyelela kuvuthondaba?

Intatheli YeSolezwe|Published

YIZE abasifazane abaningi beluthokozela ucansi nabantu babo kodwa ucwaningo lwakamuva olwenziwe ososayenzi baphesheya kwezilwandle okubalwa i-UK ne-India luveza ukuthi abafinyeleli kuvuthondaba ngesikhathi esifanayo nabantu besilisa. 

Ongoti bezempilo bathi noma angakewula kangakanani owesifazane uma kwenziwa ucansi kodwa akasheshi ukufinyelela kuvuthondaba njengowesilisa. Ucwaningi olwenziwe kamuva luveza ukuthi abesifazane isikhathi esiningi bathatha imizuzu engaphezulu kuka-13 ukuze bafinyelele kuvuthondaba. 

Abesifazane ebeyigxenye yalolu cwaningo bayalelwe ukuba bacuphe iwashi ukuze babenesiqiniseko sokuthi bafinyelele emuva kwesikhathi esingakanani kuvuthondaba.

Iningi labo kuvele ukuthi kubathathe imizuzu emihlanu nangephezulu, abanye babo baze bafinyelela emizuzwini engu-21. Abangu-9 kwabesifazane abangu10 baveze ukuthi baluthakasela kakhulu ucansi futhi bafinyelela ngendlela ebagculisayo kuvuthondaba uma bengaphezulu. 

Ngonyaka ka-2017 ngo-Okthoba ososayenzi bakubeza ukuthi noma owesifazane angakhombisa ukulithakasela kangakanani ucansi kodwa kunegebe elikhona ngaphambi kokuthi afinyelele kuvuthondaba.  

Lolu cwaningo lwenziwa kwabesifazane abangu-645 abaqhamuka emazweni ang-21, nabangu-50 base UK bonke abasebudlelwaneni bezothando kubalwa abashadile nabajolayo nje. Iningi labo libalelwa eminyakeni engu-35 nokuthiwa iminyaka ayisho lutho olutheni ngokwemizwa yabo yocansi. 

Bonke laba besifazane baveza ukuthi noma besuke sebelulangazelele ucansi futhi nemizwa yabo isuke ikuthakasele ukuba nowesilisa kodwa baze bafinyelele kuvuthondaba emuva kwemizuzu engaphezulu kuka-13. Yize kunjalo olunye ucwaningo olwenziwe iGeneva University luveze ukuthi imizwa yocansi yabesifazane ihambisana nokuthinteka ngendlela kwezingxenye zomzimba eziningi. Kuthiwa kunezindawo ezintathu kuya kwezingu-15 ezikitazekayo esinqeni sowesifazane nokuthatha imizuzu emithathu nangaphezulu ejabule noma esegiyeni locansi.

Ucwaningo lwanyakenye lwaveza ukuthi abesilisa nabo banenkinga yokungazi kahle ukuthi abantu babo bafinyelela kanjani kuvuthondaba. Iningi labesilisa abashadile kwavela ukuthi 43% uphambana nehlombe. 

Kwabesilisa abangu-1683 abasanda kuqala ubudlelwane obusha bezothando u-87% wabo bayafika kuvuthondaba bese kuba u-43% nje kuphela wabesifazane ogculisekayo.