NAMUHLA sibheka isihluku sala mantombazane ajola namadoda ashadile bese elokhu echukuluza umfazi wendoda, kuloba uDISTANCE GUMEDE
Yebo ngiyavuma, usheliwe wafikelwa umuzwa wothando wase uyaqoma, pho sikuphi-ke isidingo sokulwa nomfazi omfice eseshadile? Wena bhekana nendoda uyeke uchuku.
Ngikhuluma kanjena-nje ngihlale ngizwa osisi abashadile bebalisa ngokufonelwa bathukwe ngosisi abajola nabayeni babo. Angiqondi noma kusuke kuyindlela yokufuna ukuziveza yini okanye ukuthanda ukubukwa nokwaziwa ukuthi wena uyisiqhwaga ngakini?
Umfazi wendoda ojola nayo akangeni ndawo ekuthandaneni kwakho nomyeni wakhe ngakho-ke musa ukufuna ukumfaka. Ngisho ngabe uxabene nesoka lakho asikho isidingo sokweba inombolo yomfazi umfonele, umtshele ukuthi wena ujola nomyeni wakhe.
Abanye abantu besifazane basebenzisa lokho ukufuna imali kula madoda ashadile abajola nawo. Aze athi umuntu phela uma ungangiphi le mali engiyifunayo ngizosendela umfazi izithombe zethu sinqunu noma siya ocansini. Ungenaphi ngempela umfazi lapho?
Uyena yini osuke ethe indoda ayikuncishe imali njengoba usufuna ukuzwisa yena ubuhlungu?
Phela ngeke kungabi buhlungu esebona ukuthi umyeni wakhe amthandayo uyamjolela.
Ngifisa sike sikhuleni singabantu besifazane, sikwazi ukuhlukanisa into esile nengasile. Ngaphambi
kokuthi wenze ubocabanga ukuthi wena ungaphatheka kanjani uma kungathiwa le nto yenziwa kuwena okanye kudadewenu?
Ake sifunde ukucabangelana thina sisodwa yikhona namadoda ezokwazi ukusihlonipha. Uma
ukwazi ukuxabanisa indoda nomfazi wayo otsheliwe ngaye uthi indoda ayikuthathe kanjani vele?
Ningizwe kahle, lapha ngikhuluma ngabashadile abathelwa ngenyongo, abaziwa nayidlozi, angikhulumi ngomazishadise.
Uma ubona ukuthi uzohluleka ukwamukela
ukuthi leyo ndoda inomfazi, kungcono uvele ungajoli kwasanhlobo nayo, kunokuthi uvume kahle bese ekugcineni ulokhu ufonelana nomfazi umthuka ekubeni engangeni ndawo.
Uma nijola jolani, umfazi ulunge engazi lutho ngoba uzothi uyaphapha ufonela unkosikazi, bavele bangaxabani kodwa bayixoxe kahle bayilungise bese indoda iyakwala, uphoxeke usale kanjalo.
Ngake ngaphatheka kabuhlungu ngibona usisi ekhala ekhaliswa yizinhlamba azithola kumakhwapheni womyeni wakhe, uyamthuka umbiza ngenyumba into eyazela ukuzofuqa ukudla kuphela. Uyisho kanjani into efana naleyo komunye umuntu wesifazane?
Usithathaphi nje isibindi sokuthuka omunye umuntu wesifazane osenkingeni ofisayo naye ukuba nomntwana ngelinye ilanga kodwa
wena uhlekisa ngenkinga yakhe?
Asifundeni ukukhula bantakwethu sibe nozwelo komunye umuntu wesifazane. Yebo, amadoda abo sizowathatha ngoba phela sibaningi amadoda ayashoda kodwa phela lokho akuchazi ukuthi asibahlukumeze omame. Thina okwethu nje ukuthi sibhekane namadoda, sithule phansi, ebese siyaqinisekisa ukuthi kasibanjwa.
Ngaleyo ndlela wonke umuntu uzohlezi ejabulile, akekho ozohlukumezeka. Uma ubona ukuthi lokho
ngeke ukwazi ukukumela kungcono uvele ungavumi kwakuvuma. Umfazi akangeni ndawo othandweni lwenu.
Bakhona osisi abangenandaba nomemu, abazithathela indoda kuphela futhi ngeke ubezwe bethi nkente nendoda futhi iyakujabulela lokho, ivele imthande kakhulu uma isimbona ukuthi akahluphi akafuni ukuziveza singekho isidingo. Ungenzi into ongeke uthande yenziwe kuwe.
- ELAWINI LIKA-MAGUMEDE