Umbuzo: Ngingowesifazane oshadile. Ngabe kuyinto ejwayelekile yini ukuba nesithukuthezi emshadweni? Hhayi bo, kunzima emzini wami. Sikhuluma uma kukhona into ehlanganisa abantwana noma izikweletu. Ngaphandle kwalokho akukho lutho olusihlanganisayo. Bengizitshela ukuthi kuzohamba kushintshe. Ningangizwa kabi ngiyamthanda umuntu wami kodwa kukhona okushodayo. Phakathi nezinsuku sisemsebenzini kuthi la sithola khona isikhathi ngezimpelasonto, sekumele sihambe izinto zesonto. Angazi ngempela noma nalokhu kuyanezezela ezinkingeni zethu. Ngicela usizo Mo noPhindi ngoba angizimisele ukulahlekelwa umshado wami.
Igama ligodliwe
Impendulo: Asazi senishade iminyaka emingaki kodwa ayikho into ebaluleke njengokuthi umshado wenu ungagcini usungabantwana nezidingo kuphela. Kubalulekile ukuba wumndeni okholiwe nozinikele ebandleni kodwa akungaze kudlule ubudlelwano benu nobabili. Izikweletu ziyohlala zikhona aziyi ndawo. Ngakho asikho isidingo sokuthi impilo yenu ibe ngezikweletu nje kuphela. Abantwana bona banani okwesikhashana njengoba bezokhula banishiye. Okusho ukuthi isikhathi enisichitha ndawonye manje njengonkosikazi nendoda sibalulele kakhulu. Zinikezeni isikhathi senu nje nobabili lapho ningeke niphazamiswe muntu ngisho nabantwana. Ngaleso sikhathi kufanele niqiniseke ukuthi anikhulumi nhlobo ngezinkinga nabantwana. Kodwa isithukuthezi sona isono nje emshadweni wabantu abakhulile nabanezinjongo zokuhlulwa ukufa.
Umbuzo: Uthando lwami nomuntu engithandana naye luya ngokukhula. Unokukhuluma nangomshado kulezi zinsuku. Ngiyazifela kakhulu ngaye kodwa inkinga enginayo umlungu. Ngangingazi ukuthi ngizomthanda ngale ndlela mhla ngimqoma. Ngangifuna ukwazi nje ukuthi kunjani ukuthandana nomlungu. Ubaba umuntu okholelwa kakhulu esikweni lesiZulu futhi nje uhlezi ekhuluma kabi ngabantu bolunye uhlanga, ikakhulukazi abelungu. Ubhuti engithandana naye angikaze ngimethule ekhaya futhi angicabangi. Noma esazi ukuthi ubaba umuntu onjani kodwa yena usangifaka ingcindezi yokufuna ngimethule ekhaya. Imina kuphela nje ingane kithi. Ngiyesaba ngoba ngingazi ukuthi ubaba uzomamukela yini noma cha. Kubaluleke kakhulu kimina lokho ngoba ubaba ungithanda ngale ndlela. Angifuni ukumphoxa. Ngicela ningisize ukuthi ngenzenjani.
Igama ligodliwe
Impendulo: Kuyisifiso sawo wonke umzali ukuthi umntwana wakhe athole umuntu amuthandayo nozomujabulisa. Sinesiqiniseko sokuthi noma ubaba wakho eyile ndlela omchaza ngayo kodwa naye uyathanda ukukubona ujabulile. Khuluma nomama ukuze azise ubaba ukuthi usuthole umuntu omuthandayo nofuna ukukushada kodwa uyathanda bazane kuqala ngaphambi kokuthi nishade ngoba kubalulekile kuwena ukuthola isibusiso esivela kubona. Njengomzali uzokwazi ukumbona uma engayilungele indodakazi yakhe ngaphandle kokumehlulela ngokwebala. Okubalulekile ukuthi niyathandana futhi nifuna ukuhlukaniswa ukufa.
Umbuzo: Bengithandana nomuntu wesilisa oshadile konke kuhamba kahle ngingenankinga. Manje useyangijikela usefuna ukushiya unkosikazi wakhe ngenxa yami. Mina angikho lapho. Bengithanda kona ukuthi ushadile. Ngizomenzani manje uma sekumele abe ngowami ngedwa? Bengithanda ukuthi ungenzela konke engikufunayo bese ephindela emzini wakhe. Ngithanda nokuthi nje ngiyazi ukuthi uma engekho nami unonkosikazi wakhe. Anginazinkinga zendoda okumele ngiyenzele umsebenzi wasekhaya futhi angizidingi. Kulunge kahle uma ehlezi nonkosikazi wakhe.
Igama ligodliwe
Impendulo: Kubalulekile ukuthi usheshe uphumele obala kule ndoda ingaze ilahlekelwe okukhona ngokungekho ngoba lokhu azobe eshiya unkosikazi wakhe ngakho kuyinto engekho. Uma eqhubeka nokushiya unkosikazi wakhe ngenxa yakho nizohlukana esikhathini esizayo ngendlela enihlangene ngayo. Uma eshiya unkosikazi wakhe, niyoba nifanelene. Imiqondo yenu nobabili ikhombisa ukungakhuli nhlobo. Nilawulwa imizwa yenu . Akufanele ngabe uthandana nomuntu oshadile nje nhlobo. Nobabili aninanhlonipho yomshado, noma wena ungashadanga. Asinakho okuningi esingakucebisa ngakho. Kuphela nje, hlukana nomuntu osewazibophezela komunye phambi kukaNkulunkulu. Nehlisa isithunzi somshado ngalesi senzo kanti nani uqobo nikhombisa ukungazihloniphi. Alukho uthando analo ngawe futhi nawe kanjalo awumthandi.
Facebook: Mo & Phindi
Instagram: @Mo_Phindi
Email: [email protected]