Umbuzo:
NGINGOWESILISA oneminyaka ewu-30. Nginenkinga yokuthi uma ngihlangana nomuntu wesifazane engimthandayo uvele angithathise okomngani kunomuntu engithandana naye. Ubudlelwane besithathu lobu kwenzeka into efanayo.
Manje angazi noma lokhu kwenzeka ngenxa yendlela engenza ngayo uma kukhona engithandana naye. Nginothando oludlulele futhi umuntu engithandana naye ngimenzela yonke into. Kungenzeka yini ukuthi yiyo le nto eyenza umuntu engithandana naye angibone njengomngani?
Igama ligodliwe, eMgungundlovu
Impendulo:
Siyaxolisa futhi siyazwelana nesimo obhekene naso asisihle neze. Singakucebisa ngakho konke kodwa kunye esingeke sikwenze: ukwenza umuntu ongenayo imizwa yothando ngawe ukuthi ashintshe umqondo akuthande. Umuntu uma engakubuki ngaleyo ndlela, akufanele uzame amacebo okumenza akubheke ngamehlo othando.
Kuyenzeka esikhathini esiningi uthando luqale ngobungani kodwa akufanele kubekhona phakathi kwenu ozozwa sengathi uyaphoqwa. Kufanele kuqhamuke ngaphakathi kini nobabili.
Zijwayeze ukuthi awudingi muntu ukuzwela uthando. Wena uwedwa nje wanele. Futhi ukuba nothando nokwenzela umuntu konke akufunayo akuyona into embi. Kodwa nawe hlukana nokuziveza njalo njengomngani kowesifazane ofuna ukuthandana naye. Ngale kwalokhu, singasho nje ukuthi qina ndoda, ukubuke lokhu njengomuntu okhulile. Wethembe futhi uzomthola ozokubheka ngamehlo othando uma uzozikhangisa ngaleyo ndlela nawe.
Umbuzo:
Nginonyaka ngishadile nomyeni wami. Eminyakeni embalwa edlule ngabasengozini yemoto neyadala ukuthi ngingabe ngisakwazi ukuthola abantwana. Inkinga ukuthi angikaze ngimazise umyeni wami ngokwangehlela ngaphambi kokuhlangana kwethu. Nganginovalo lokuthi ngeke aqhubeke nokungishada mhla wathola iqiniso.
Angazi ngempela ngizocashaphi ngoba indlela azimisele ngayo ngengane kulo nyaka lizogcina livelile iqiniso uma ebona kuphela isikhathi ngingakhulelwa. Ngenzenjani ukuze lingaphumi kabi iqiniso?
Igama ligodliwe, Empangeni
Impendulo:
Kuhle ngoba uyazi iqiniso lizogcina livelile. Ngoba amanga akuyona into yokwakhela kuyona umshado nekhaya lentokozo. Ayikho enye indlela ngaphandle kokwakha isikhathi nikhulume.
Ingozi yemoto yakwehlela njengawo wonke umuntu owehlelwa yingozi. Ngakho akulona ihlazo lelo. Thatha amandla kulokho kukodwa nje. Uyomangala uma esekwamukela ngendlela oyiyona, noma esengajabha emphefumlweni. Kodwa ekugcineni uwunkosikazi wakhe. Nathembisana ukuzibophezela ebuhleni nasebubini.
Umbuzo:
Ngingowesifazane owashiywa umyeni eminyakeni eminingi edlule nosewathatha umhlala phansi. Abantwana sebekhulile, abanye baze bashada. Ngibulawa isizungu manje njengoba sengisele ngedwa endlini. Ngize ngizizwe sengikhumbula ubaba wabantwana bami.
Ngabe ngiyona kubantwana mangabe ngiqhubeka neyami impilo njengoba nabo sebekhulile. Angizimisele ngokufa ngingenamuntu empilweni yami. Ngibatshela kanjani abantwana ngokufuna ukuqhubeka nempilo njengoba sebekhulile?
Igama ligodliwe, KwaMashu
Impendulo:
Akuyona into embi neze ukufisa ukuba nomuntu ozothandana naye nize nahlukaniswe ukufa, ngisho nasebudaleni. Kahle hle uNkulunkulu akamudalanga umuntu abe yedwa. Izingane zakho njengoba sezikhulile nje, nazo ziyakwazi lokhu. Futhi uyomangala uma sezikuhambela phambili.
Uma ngabe kukhona ubaba enizizwa nobabili neneme manindawonye qhubekani nokuphila impilo yenu ngokuzwana. Impilo yimfishane kakhulu.
Umbuzo:
Ngathola ukuthi umyeni wami wangithelela ngegciwane lengculazi emva kweminyaka eminingi sishadile. Sakugcina loku njengemfihlo yethu waze washona ngonyaka odlule okuyila imindeni yethu yaze khona ukuthi umyeni wami ubulawe yini.
Inkinga manje ukuthi umndeni wakhe usola mina ngokufa kwakhe, lapho uyena owaletha igciwane endlini. Kuyimanje umndeni wakhe awungikhulumisi. Ngiphatheke kabi kakhulu ngoba bangizondela into engekho. Ngiliveza kanjani iqiniso emndenini?
Igama ligodliwe, eThekwini
Impendulo
: Ngendlela esiwuqonda ngawo umbuzo wakho, asicabangi ukuthi kungasiza ukuhlala phansi nabo.
Ngakho sicebisa ukuthi uzinakekele nje wena, uthole lonke uxhaso oludingayo ekhaya kini nakubangani bakho.
Nikela konke kuNkulunkulu. Kuphela nje, bakhombise inhlonipho njengomndeni owawunengane ababeyithanda. Sikholwa ukuthi ukhona omunye kubona oyolahlwa unembeza, alungele ukubhekana namaqiniso.
- Ezothando