“Kukhona nabayithanda ihlangene
omunye angafuni ikanywe.
Esikhathini
samanje intshebe enodayi iyona
ehamba phambili kwabesilisa futhi enokumpunga
idlisa kakhulu,”
kusho uHlophoyi
IMVAMISA abantu besilisa abasho ngesihlekehleke sentshebe nehwanqa, bathathwa njengabantu abangazithandi, kwazise imvamisa izincwasimende ziyayicwala intshebe noma ziyisuse yonke ingabonakali.
Kodwa muva nje kubukeka seligaya ngomunye umhlathi njengoba izintokazi eziningi zizifela ngabesilisa abanentshebe nehwanqa.
Imvamisa yabesilisa sebedlisa ngalo ubhebhenene lwentshebe, futhi nezintokazi eziningi zibukeka zithathekile yilesi sitayela.
Lokhu kugqama kakhulu kubantu abangosaziwayo nabangosomabhizinisi abaziwayo.
Uma kuke kwasabalala isithombe ezinkundleni zokuxhumana, sishiya lowo saziwayo esengundabuzekwayo.
Iningi lalabo saziwayo lize libizwe ngamagama amnandi ngenxa yendlela ababukeka ngayo.
Okuhlukile ngale ntshebe, ukuthi uma ike yathanda ukushintsha umbala noma yabukeka impunga, ibachaza kakhulu abesifazane.
Lokhu kuyinto engajwayelekile ukudlisa komuntu obukeka emdala kuneminyaka yakhe njengoba iningi labantu likhonze nokuzehlisa iminyaka.
Ungoti wezobuhle nocwala osaziwayo uNtuthuko Hlophoyi weHeadmaster Hair Salon eMhlanga naKwaMashu, uthi ukufika kwezitayela nokubukela kosaziwayo yikho okwenze intshebe yadlisa kangaka.
Ngokusho kwakhe, intshebe ayigcini nje ngokugundwa kodwa kuningi okwenziwayo kuyona njengabantu besifazane uma bezicwala.
“Intshebe imila ngendlela ezingafani kubantu. Ngesinye isikhathi kudingeka ifakwe imikhiqizo yasekhanda ukuze ibukeke kahle. Isitayela sokuyigunda kuya ngomuntu ukuthi ukhonze intshebe encane noma enkulu yini.
“Kukhona nabayithanda ihlangene omunye angafuni ikanywe. Esikhathini samanje intshebe enodayi iyona ehamba phambili kwabesilisa futhi enokumpunga idlisa kakhulu,” kusho uHlophoyi.
Iningi losaziwayo selize laqanjwa namagama ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yentshebe.
Elihamba phambili yileli lika Mkhulu Bae elihambisana nentshebe edaywe yabukeka impunga.
Omunye walabo saziwayo nguKini Shandu ongumethuli wohlelo lwethelevishini.
Umculi wekwaito uMdu Masilela, naye akaconsi phansi kwabesifazane ngentshebe yakhe ethanda ukuba mpunga.
Usomabhizinisi onoxhaxha lwamabhizinisi, waseMlaza, uSandile Zungu, naye wathatha abaningi nyakenye enentshebe ekubeni uvamise ukuyisusa yonke.
Ikhehla laphesheya kwezilwandle u-Irvin Randle, naye ungomunye wabesilisa abangaconsi phansi ngentshebe yakhe empunga.
Abasiki bengqephu nabo bangene khaxa kulesi sitayela. Umsiki wengqephu obuye akhangise ngayo, uDerrick Mhlongo, naye usenakho ukubonakala nentshebe kanjalo noDavid Tlale nosomabhizinisi ongumphathi wabaculi uThemba Teejay Mthembu.