Umdlalo, okhiqizwa yinkampani yabaganene, iFerguson Films, ephethwe wuConnie noShona, kuzokhonjiswa isiqephu sokugcina sawo ngo-Okthoba 24.
Isikhala sawo sizovalwa wumdlalo onesasasa obukhonjiswa ku-1Magic, iThe River.
IThe River izoqala ukukhombisa isizini yokuqala, yize ku-1Magic usikwisizini yesibili.
UKarabo Morogwa weMzansi Magic, uthe ukuphela kweThe Throne akubangelwanga wukukhungathwa yizinkinga kodwa bekuvele kuwumdlalo obuzophela.
“Ngesikhathi siwethula ekuqaleni sanquma ukuwenza umdlalo nje ungabi wuchungechunge. Sasazi ukuthi ngelinye ilanga uyofinyelela emaphethelweni njengoba sekwenzeka manje. Siyajabula nokwethulela ababukeli bethu kuMzansi Magic umdlalo iThe River esingangabazi ukuthi nakanjani bazowujabulela. Uzoqala ekuqaleni futhi wona uwuchungechunge,” kusho uKarabo.
UKarabo ukugcizelele ukuthi njengoba Isithembiso sizofinyelela emaphethelweni ngo-Ephreli ngonyaka ozayo, okwamanje akukaziwa ukuthi yini ezovala isikhala sawo.
Isolezwe kube yilona elokuqala elibike ngokuphela kwalo mdlalo.
Omunye wophrojusa balo mdlalo u-Angus Gibson ukuqinisekisile ukuthi kuphelile ngawo.