OWAXOSHELWA ukubhacaza ekulingiseni kwiGenerations: The Legacy, u-Asanda Foji, uzama inhlanhla ekwethuleni izinhlelo zezingxoxo kwithelevishini.
U-Asanda, owayedlala indawo kaSimphiwe Moroka, useqalile ukuzilolongela umsebenzi wokusakaza kwithelevishini ngohlelo azisungulele lona kwiYou Tube Channel yakhe olusihloko sithi Life Tap.
Ekhuluma neSolezwe uthe okumenze walubalubela ukusakaza yizifundo azenza njengamanje esikhungweni semfundo ephakeme e-Amsterdam.
“Ngolunye usuku ngingathanda ukuba nohlelo lwami ngakho kufanele ngiqale ndawana thize. Ngibone kungcono ngiqale ezinkundleni zokuxhumana njengoba seziyinkundla enkulu ongakwazi ukuveza kuyo ikhono lakho, ube nguwe futhi uzithokozise ngesikhathi amakhulukhulu abantu ekubukela.”
Uthe inhloso ngqangi ngalolu hlelo lwakhe ukudingida ngezihloko zezinto ezenzekayo kodwa abantu abasabayo ukukhuluma ngazo esidlangalaleni.
“Lolu hlelo ngilubize ngeLife Tap ngenxa yokuthi ngilufanisa nompompi ozogeleza izihloko ezizoshiya abantu bebambe ongezansi masonto onke.” Eqhuba uthe uhlose ukuzethula emkhakheni wokwethulwa kwezinhlelo njengoba esengumfundi ukuze athi eqeda ukufunda ebe esenamava. Nakwezothando kubukeka kumhambela kahle u-Asanda njengoba esanda kuthembisana umshado nensizwa yasebukhosini babaThembu. Indlela lolu thando oseluvutha ngayo amalangabi ku-Asanda selumenza ahluleke ukulufihla njengoba esefaka izithombe zakhe nesinqandamathe sakhe esaziwa ngesibongo sakwaMthembu. Kukhona lapho eke wafaka umbhalo ethakazela khona isoka lakhe. Ebuzwa ngalesi sinqandamathe sakhe nokuthi zingase ziwushaye nini, u-Asanda uvele wanqaba ukuphawula. “Isoka lami nosuku lomshado wami ngeke sikudingide. Ngeke nje ngikuphendule ngobudlelwane bami, umshado wami nanoma iyiphi indaba yami yangasese. Angizwani nokukhuluma ngezindaba zami zangasese esidlangalaleni.” Yize enqaba kodwa uyavuma ukuthi usewuthembisile umshado nomfo kaMthembu.
“Yebo ngibhalile ngokuthembisa kwami umshado ngoba kuyisibusiso futhi bengicabanga ukuthi kungani ngingatsheli umhlaba ukuthi uNkulunkulu usengibusise ngani kodwa yilokhu engingakusho ngami,” kunqamulela u-Asanda.