USOMAHLAYA uCeleste Ntuli onqobe izindondo ezimbili kumaSouth African Savanna Comics’ Choice Awards
USOMAHLAYA waseMpangeni, uCeleste Ntuli, uthi inyathuko yakhe ibheke phesheya lapho efuna ukungenisa khona.

Lo somahlaya ubekhuluma emuva kokunqoba izindondo ezimbili emiklomelweni yabasemkhakheni wamahlaya, amaSouth African Savanna Comics’ Choice Awards ngempelasonto.

UCeleste uhlomule ngendondo yeFlying Solo neComedy G.

Phambilini ubeqokwa kodwa abuye elambatha

“Ngizimisele ngokuqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla. Ngibheke manje ukungenisa phesheya kwezilwandle,” kusho uCeleste.

Lo somahlaya uphinde abe ngumlingisi njengoba edlala indawo kaSiphokazi Zungu kwiSibaya. “Imiklomelo inyusa ukuzethemba kumuntu. Bengenza kahle kodwa imiklomelo ngingayitholi. Kuyajabulisa. EyeComedy G iyona engiyiqophayo ngoba kade ngaqala ukwenza amahlaya angikaze ngime. Abantu kade bethi kumele ngabe kade ngayithola ngoba sekunesikhathi ngisebenza futhi abantu bayazi,” kusho uCeleste.

Umklomelo weComedy G utholwa ngosomahlaya asebeneminyaka engu-12 kuya phezulu beyibambile futhi abazinikele kulo mkhakha.

Uthe imphatha kabi indaba yokuhlukunyezwa kwabantu besifazane.

“Kuningi esikubekezelele. Iqala kancane le nto kuthiwa umfana ngeke avulele owesifazane isicabha. Nale ndaba yama-blesser iyinkinga,” kusho uCeleste.

UCeleste, owaziwa ngendlovukazi yamahlaya, useneminyaka eyibambile emkhakheni wamahlaya njengoba aba ngowesifazane wokuqala ukuqopha ifilimu yamahlaya ethi Seriously Celeste.