Ezokungcebeleka Ezethelevishini

UNtencane ucacisa ngemali abayiwinile

Charles Khuzwayo|Published

UNTENCANE emuva kokunqoba kwiClash of the Choirs Isithombe:FACEBOOK

ISIHLABANI somculo kamaskandi, uSenzo "Ntencane" Zondi, sithi kusho lukhulu kuso ukudla umhlanganiso kwiClash of the Choirs.

Ikhwaya ebibhidiswa yilo mculi futhi imele iKwaZulu-Natal, iTeam Ntencane, ikhale yemuka nomklomelo kaR1 million kanye noR250 000 ezowunikeza iNtenga Foundation.

UNTENCANE ekakwe nguBontle Modiselle noDJ Sabby emuva kokunqoba kwiClash of the Choirs Isithombe:FACEBOOK

"Kusho lukhulu kakhulu ukuwina kade sibhekene nabantu abahlonishwayo nabanamagalelo amakhulu emculweni," kusho uNtencane owake wahlukanisa unyaka oKhozini ngengoma eyayithi Wawuthembeni ngo-2019.

UNtencane uqumbe phansi ikhwaya ebibhidiswa ngumculi we-Afro pop, uVusi Nova, futhi ebimele iWestern Cape.

UNTENCANE emuva kokunqoba kwiClash of the Choirs Isithombe:FACEBOOK

Abanye abaculi ebebebambe iqhaza kulo nyaka ngoPrince Kaybee, Khanyisa, Zaza Mokhethi, Lady D noLanga Mavuso.

Ebuzwa ukuthi bazowenzenjani uR1 million abawuzuzile, uNtencane uthe uzohlukaniselwa amalungu ekhwaya ngokulinganayo.

UNtencane ubengumculi wokuqala kamaskandi ukubhidisa kwiClash of the Choirs ebisiyenziwa okwesine kuleli.

Uthe ukuqwaqwada ozakwabo bezinye izinhlobo zomculo, ekubeni ebengesiyo imfivilithi kusamenyezelwa ababhidisi, kufanele kube yisifundo kuwo wonke umuntu.

"Lokhu ngiyacabanga kuyisifundo kuwo wonke umuntu ukuthi ungamjaji umuntu uma ungamazi ngoba kuningi osuke ungakwazi ngaye."

Nakuba ezikaNtencane, Amabhubesi, zike zaqengqeleza phambili amahlandla amathathu kusajaja uZwai Bala, Buhlebemvelo noDr Tumi kodwa uNtencane uthe belungazibekile phansi uvalo kuye njengoba bese befinyelele esigabeni samavoti.

Esephetha uthe lokhu kunqoba kusho ukuvuleka kweminye iminyango ebivalekile kubaculi bakamaskandi.

Lo mqhudelwano wazibulwa wumsakazi weGagasi FM futhi ongumculi wokholo, uKhaya Mthethwa, ngo-2012.

IKwaZulu-Natal seyisihlwithe kathathu lesi sicoco njengoba saqalwa wuKhaya, kwalandela umculi we-Afro pop ongasekho, uRobbie Malinga, ngo-2013. UNtencane usilande sesiseMpumalanga njengoba sagcina siwinwe wumrepha, uJR, ngo-2016.