UMNDENI uqinisekise ukudlula emhlabeni kwenkakha yomlingisi uDon Mlangeni Nawa, odume ngendawo kaMhlongo kuHlala kwabafileyo, uZeb Matabane kwiSidingo noLaqhasha kuSgudi 'Snaysi.
Ngokwesitatimende somndeni lo qolothakamango udlule emhlabeni eneminyaka engu-65 namhlanje mhla ka16 Ephreli.
"Ubeyinhliziyo yomndeni, ubaba onothando, ubhuti nomngani. Emhlabeni, ubengumlingisi onesiphiwo nohlonishwayo, obeqhakaza njalo uma eseshashalazini. Umlando wakhe uyaphila empilweni yabantu ake axhumana nabo, ngemidlalo ayidlalile nothando aluvezile."