UMAMPHO Brescia ozakhele igama elingisa indawo ka-Iris emdlaweni Isibaya, ukhuza ibuya kwithelevishini njengoba engomunye wazobonakala kwiFamily Secret.
Isizini yesibili yomdlalo izoqala kwiSABC1 ngeSonto ngo8.00 ebusuku. Umdlalo uzobheka umndeni wakaMokwena obumbene hhayi ngoba unokuzwana kodwa ngenxa yezimfihlo onazo nomnotho. Lo mndeni udla izambane likapondo kanti uma kungaba khona oveza izimfihlo zawo kungaba wukuphela kwawo, futhi ungasala ungenalutho.
Ngokwesitatimende esithunyelelwe abezindaba, kulo mdlalo kuzogqama umlingisi owaziwa ngoCaesar Mokwena (Mangaliso Ngema) nongumuntu omnyama ophethe ibhange.
“Imfihlo yomndeni izohlalisa abalingisi ngesinqe esisodwa, yize iningi liphila impilo ephezulu njengoba behamba ngamabhanoyi futhi bedumile emkhakheni wamabhizinisi behlala ezindaweni zomntakabani. UMangaliso ungumuntu unogqozi lokuthi abe ngumuntu omnyama oyisicebi futhi onamandla emkhakheni wezimali emhlabeni. Kodwa iwele lakhe uDante eladuka kudala liyabuya futhi lifuna ukumdlula kukhona konke akwenzayo njengoba esefuna konke ngoba ekholwa wukuthi okwakhe,” kuchaza isitatimende.
UMampho uzobe elingisa indawo kaCleo. Abanye abalingisi abazobonakala kuwona kubalwa Benny Langa (Gabriel Mokwena), Buyile Mdladla (Themba Biko) Lesley Musina (David Khuti), Michael Di Pinna (Burton Taylor) no-Angelique Geber (Natasha Taylor).