UMLINGISI oke wasolwa ngokubhidliza umshado wabanye abantu, uSonia Mbele, udalule ukuthi yena uke waphila ngokushaya indlwabu ngethoyizi locansi.
Ekhuluma kwiThe Panel of Love Podcast, uthe okwakudala ukuba ashaye indlwabu yingoba wayesethathe isinqumo sokuqhela ekubeni nomuntu emuva kokuphoxeka kwezothando.
"Benginamabhadi. Benginamabhadi uma kuziwa kwezothando. Angazi. Benginokuheha amadoda angafanelekile. Bengihlale ngihlukumezeka ngokwengqondo, ngokomoya nangokomzimba. Bekunokuhlukumezeka nje."
Uthe waqala ukuqoma eneminyaka engu-17 kodwa ubudlelwano babo baphela eseneminyaka ewu-26.
"Ngashada sengineminyaka ewu-28 kodwa umshado waphela ngo-2014. Ngahlangana nomuntu ngo-2015, sahlukana ngo-2019."
Uthi yingakho athatha isinqumo sokuhlala engaqomi isikhathi eside ngoba ebona ukuthi inhlanhla akanayo kwezothando.
Uthe ngesikhathi esahleli ngentombi ubengakhathazekile.
"Engakwenza kwaba ukuzithengela ivayivayi, ngizivavaze (ngayo)."
Uthe kodwa manje ucabanga ukuthi usemtholile umaqondana.
Ngo-Agasti nyakenye, uSonia (47) uke wasolwa ngokubhidliza umshado kasomabhizinisi, uMatome Sefalafala (31) nomkakhe, uMeo Mochadibane. Ukujola kukaSonia noMatome kwabikwa ukuthi yikho okwenza uMeo wathatha imithwalo yakhe wabuyela kubo.
Ebuzwa ngalokho, uSonia wathi ubhecwa ngobende inyama engayidlanga. Wavuma ukuthi uyamazi uMatome kodwa abanabo ubudlelwano naye.
Lo mlingisi osebuya kwiGenerations neBlood and Water, uke wadalula ukuthi kunensizwa yaseMelika aseqamela esifubeni sayo emuva kokudivosa nommeli uLeslie Sedibe ngo-2014, sebeshade iminyaka eyisishiyagalombili.