UMETHULI wezinhlelo uBonnie Mbuli (40), usememezele ukuthi uneziphaqulo zakhe, azenze ngokuhlanganyela nenkampani ehlonishwayo iYardley.
Le mikhiqizo ezokwaziwa ngeBonnieXYardley izotholakala ezitolo ezihlukene zakuleli ezidayisa izinto zokugcoba.
UBonnie uthe ngesikhathi kuqhamuka ithuba lokusebenza neYardley wakujabulela ukusebenza nale nkampani enkulu kangaka emhlabeni.
“Ngavele ngathi mina nayo siyinto efanayo ngakho ngeke ngisabheka emuva, akusetshenzwe. Izinto zokugcoba zale nkampani eziningi zihambisana nami futhi bengizisebenzisa ngenxa yokuthi ngiyazethemba, miningi iminyaka abantu bezisebenzisa,” kusho le ntokazi ebeyethula uhlelo i-Afternoon Express kuSABC3.
Uthe emhlabeni umuntu ngamunye unendlela okumele ayihambe nokungadingeki ukuthi wonke umuntu ahambe ngayo.
“Kungihambela kahle impela endimeni engikuyona futhi ngijabule ngakho konke esengiphumelele kukho, ngiyaziqhenya. Okwamanje njengoba sengizethulile lezi ziphaqulo zami, sengizogxila kakhulu emkhakheni wokulingisa, okunye futhi engifuna ukukukhulisa yizinhlelo zami njengoba ngifuna ukungena emkhakheni wokupheka. Okwamanje singathi lona unyaka wami futhi uNkulunkulu ungibusisile,” kuchaza uBonnie.
Uthe akujabulele kakhulu ngalezi ziphaqulo zakhe yingesikhathi esezetha amagama.
Abalandeli bale ntokazi nosaziwayo okukhona kubo uThandiswa Mazwai, Shado Twala, Mel Bala nabo bayishayele ihlombe le ntokazi.