UMLINGISI onguGumede kuMkhokha The Curse, uSibonile Ngubane, ubeyingxenye yemashi yeMK Youth League esifundeni seLembe, ebiKwaDukuza. muva nje.
Ngaphambi kokhetho obelungoMeyi 29 kulo nyaka, uSibonile wakubeka kwacaca ukuthi wathatha isinqumo sokujoyina le nhlangano ngoba ethole ukuthi sonke lesi sikhathi bebenindwe ngodaka emehlweni ngoba bebezitshela ukuthi inkululeko seyatholwa kanti bayazikhohlisa.
Umgqugquzeli wemashi uMnuz Thami Mkhwanazi, uthe bebehambise uhlu lwezikhalazo emahhovisi eMeya yaKwaDukuza, ngenhloso yokuba kuvalwe ngokushesha izitolo zabokuhamba kuleli. UMkhwanazi, ongumholi wophiko lwentsha yeMK Party esifundeni seLembe, uthe abahambisani nezinsuku ezingu-21 ezinquyelwe abanikazi bezitolo bangaphandle ukuba bazibhalise ngokusemthethweni.
“Asihambisani nalezi zinsuku ngoba akasho lutho ngoshevu. Yingakho sithi azivalwe zonke izitolo. Uma zivalwa, sithi uphiko olubhekene nokuthuthukisa umnotho komasipala ahlele ukuthi uzivuselela kanjani lezi zitolo seziphethwe ngabantu bakuleli ukuze zisetshenziswa kanjani ukufukula umnotho womphakathi.”
Uqhube wathi bazofuna abantu baqeqeshwe nasekusunguleni amabhizinisi anjengokukhiqiza ama-toilet paper, nezinkwa. Eqhuba uMkhwanazi uthe okwamanje basakhuluma kahle kodwa uma uhulumeni eqhubeka nokuqinisa ikhanda, bazogcina bengenelela izitolo zabangaphandle, bafike bathathe ukudla osekudlulelelwe yisikhathi bakushise. Ukhale kakhulu ngokwenzelelwa kwabantu bangaphandle kunabakuleli futhi wanxusa uhulumeni aqinise isandla emingceleni yakuleli ukuze kungangeni nanoma ngubani wangaphandle.
Abanye abebeyingxenye yemashi ngamalungu eMKP abeliqhamukisa eMandeni, eNdwedwe, KwaDukuza, naKwaMaphumulo.
Kule mashi kubuye kwagqugquzelwa amalungu ale nhlangano ukuba afike ngobuningi bawo engqungqutheleni yale nhlangano ezokuba ngoDisemba 15, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
UMkhwanazi, oyiRegional Convener yeLembe ophikweni lwentsha, unxuse isibalo esizoqhamuka kulesi sifunda sibe ngaphezu kuka-20 000.Yena nabanye abaholi bophiko babuye bangena bephuma enxanxatheleni yezitolo, benxenxa abantu ngama-pamphlet. Abanye abaholi abebeyingxenye yemashi, ebisuka kuma-parking aseShoprite KwaDukuza, ngoMnuz Khaye Madlala oyilungu leNational Assembly, nomholi wophiko lwentsha eKZN, uMnuz Sanele “Slovo” Shandu.