Ezokungcebeleka Ezethelevishini

Owodumo kwiSibaya ukhuthaze intsha ezuza iziqu

Charles Khuzwayo|Published

UMLINGISI wodumo kwiSibaya, u-Amina Jack, uhlabane ngeziqu ze-Social Science e-University of KwaZulu-Natal Isithombe:FACEBOOK

UMLINGISI odabuka eNewcastle, u-Amina Jack, ugqugquzele intsha yakuleli ukuba iwalwele amaphupho ayo.

U-Amina (22), wayelingisa indawo kaThokozani Zungu kwiSibaya nekaMillicent kwiSmoke & Mirrors, ungomunye wabathole iziqu zabo e-University of KwaZulu-Natal.

Ubenza iziqu zeSocial Science kulesi khungo esihlonishwa umhlaba wonke.

UMLINGISI wodumo kwiSibaya, u-Amina Jack, uhlabane ngeziqu ze-Social Science e-University of KwaZulu-Natal Isithombe:FACEBOOK

"Engifuna ukukusho nje ukuthi yibani nenkani namaphupho enu. Noma ngabe kukuthatha isikhathi esingakanani. Uma ufuna ukuthola leziqu, hamba uyozilanda."

U-Amina uthe uyajabula ngoba ekugcineni ukhale wemuka nalezi ziqu.

Ubonge kakhulu abazali bakhe ngokumesekela ngesikhathi efundela lo msebenzi.Lo mlingisi ubuye watusa kakhulu i-UKZN.

"Ukufunda e-UKZN kube yinto enhle kakhulu, ikakhulu ama-student support services ayasiza," kuphetha u-Amina.

Ngaphambi kokufunda e-UKZN, uqale eQhubimfundo Primary eNewcastle ngaphambi kokudlulela eForest Hill Primary eGoli, umatric uwuphothule eNationwide School khona eGoli.

U-Amina uqale ukulingisa eseneminyaka emine ngo-2010. Le ntokazi yabe seyicelwa wunina ukuba ingenele inhlolokhono yomdlalo wethelevishini iZone 14, lapho afike walingisa khona indawo kaMbali.

U-Amina udlale kulo mdlalo kwaze kwaba ufinyelela emaphethelweni. Kusukela lapho akabange esabheka emuva.

Ube esedlulela kwiSibaya lapho afike waba wuThokozani, nakhona ulingise kwaze kwaba Isibaya siyaqedwa.

Uke walingisa kwiPearls of Wisdom nakwiSmoke & Mirrors.

UMLINGISI wodumo kwiSibaya, u-Amina Jack uhlabane ngeziqu ze-Social Science e-University of KwaZulu-Natal Isithombe:FACEBOOK