UMLINGISI uWeza Solange ujoyine Isidingo kuSABC 3 lapho edlala khona indawo kaFlorence Attoh Isithombe: SITHUNYELWE

UTUSA ukwamukelwa kahle kwiSidingo umlingisi omusha uWeza Solange.

UWeza, owazakhela udumo ngesikhathi engenele umncintiswano iBig Brother Africa ngo-2011, udlala indawo kaFlorence Attoh.

UFlorence ngowesifazane odabuka eGhana osezithola eseHorizon Deep ngemuva kokubaleka lapho esuka khona eyofuna amathuba angcono. Lokhu wayekwenzela ukondla izingane zakhe ezisele ekhaya.

“Ngisebenze kahle lapho kuqoshwa khona Isidingo,” kusho uWeza.

“Abalingisi, abasebenzi nabo bonke abantu bangamukele ngezandla ezimhlophe. Ngijabulile nokusebenza nabantu engibahloniphayo nengibukela kubo nokuba nje lapho kuqoshwa khona lo mdlalo,” kuqhuba uWeza.

Uthe uyathemba ukuthi abantu bazoyijabulela indawo ayidlalayo.

“Indaba kaFlorence iyamangalisa futhi yinhle. Ngiyethemba ukuthi ababukeli bazoyithanda njengoba nami ngiyithandile,” kusho uWeza.

Lo mlingisi akasilona ivukana ekulingiseni. Uke wadlala kwiNkaba elingisa indawo kaFumi Uche nakwiGenerations enguHope.

Akagcini ngokuba wumlingisi kodwa ubuye ethule izinhlelo zethelevishini. Wayethula okwakwenzeka kukhaphethi obomvu kumaChannel O Africa Music Video Awards.

Uqale ukubonakala ngoLwesithathu ebusuku. Lo mdlalo ukhonjiswa njalo ngo-7 ebusuku phakathi nesonto kuSABC3.