ABANGEKE bafinyelele enkundleni iHollywoodbets Greyville Racecourse eThekwini lapho kuzobe kunomjaho omkhulukazi wamahhashi iHollywoodbets Durban July, kusasa ngeke basale ngaphandle kokuzobe kwenzeka njengoba kuzosakazwa bukhoma kwiSABC.
Lo mjaho ohambisana nengqephu edida unwabu nobumnandi njengoba kunabaculi noDJ abahlukene, uzosakazwa kwiS3 (SABC 3) nakwi-app iSABC+ bukhoma kusuka ngo-1 emini.
Kuzobe kungesifanayo nakwiSupersport Variety 4 (channel 209) lapho uzobe usakazwa khona kusuka ngo-1 emini.
Njengoba kuzobe kulindeleke nosaziwayo abazobe bengazibekile phansi ngemisiko edida unwabu, uZanele Potelwa noKat Sinivasan yibo abazobe bekhombisa futhi bekhuluma nabanemisiko ehehayo.
E-studio kuzobe kunoNeil Andrews, Rahiell Radhakrishna noRachel Venniker besakaza imijaho. Umjaho omkhulu uzokwethulwa wuCarol Tshabalala no-Anthony Delpech.
Inhloko yakwa-S3 uSane Zondi, ithe isiteshi sibuyisa imicimbi yempilo yabantu ethandwa ngababukeli babo.
“IHollywoodbets Durban July iyintandokazi kubabukeli beS3 futhi iyinkundla evumela isiteshi ukuthi sixhumane nabantu,” kusho uZondi.
Khonamanjalo, amaphoyisa akwaSouth African Police Service ebambisene nezinye izinhlaka zokuphepha athi azobe esiqaphe ngeso lokhozi isimo eGreyville Racecourse.
Athe ukuhlela phakathi kwawo, abahleli bomcimbi nezinye izinhlaka zonogada kuthathe amasonto kwenziwa.
“Amaphoyisa nabanye bazobe betshalwe ngaphandle nangaphakathi kwenkundla kanjalo nasedolobheni lonke ukubhekana nezinkinga ezingase ziphazamise umcimbi,” kusho uCaptain Carmen Rhynes esitatimendeni.
Udonse ngendlebe abazothamela umcimbi wathi baziphathe kahle futhi bajabulele ubumnandi. Uthe mabavikele izinto zabo.
“Labo abaphuzayo abathole abazobashiya baphinde babalande noma basebenzise ezokuthutha umphakathi ezikhona. Abazotholakala beshayela bephuzile bazoboshwa. Ngesikhathi ningaphakathi enkundleni, qaphelani izigebengu ezizobe zizixoxisa nezihambeli ngakho kubalulekile ukuthi izinto zakho ungazishiyi zingagadiwe,” kusho uRhynes.
Uthe enkundleni azivumelekile izinto ezicijile njengemimmese, izibhamu, amabhodlela notshwala.
Uphinde waxwayisa ngokuvalwa nokuphazamiseka kokuhamba kwezimoto emigwaqweni ehlukene okubalwa kuyo uDLI Avenue, Avondale, Haden noGladys Mazibuko.
Ngemuva kwalo mcimbi kunamaphathi azobe esezindaweni ezehlukene azoze asongwe ngeSonto.