UTHEMBISA Mdoda ngomunye wosaziwayo abake bahlonishwa emcimbini amaDStv Mzansi Magic Viewers Choice Awards angeke abe khona kulo nyaka
NGEKE ube khona kulo nyaka umcimbi osuhloniphe izinkakha endimeni yomculo nasekulingiseni, amaDStv Mzansi Magic Viewers Choice Awards.

Lo mcimbi osube iminyaka emibili ilandelana, abahleli bawo baveze ukuthi bazothatha ikhefu nonyaka, ungabi khona.

Umthombo weSolezwe uveze ukuthi akukho okubi okuvimbe umcimbi ube khona. Kodwa izikhulu zikhethe ukungawenzi.

“Lona ngomunye wemicimbi emikhulu kuleli manje. Usuneminyaka ukhona, ngakho umsebenzi omkhulu owenzeka khona uma uhlelwa yikhona okwenze abaphathi bathi bayaphumula kulo nyaka.

Kodwa izinhlelo zawo kuzothi uma uqala unyaka ozayo nazo ziqale njengoba befuna ubuye umkhulu ngonyaka ozayo,” kusho umthombo.

Uthe lesi siteshi sibe nomsebenzi omkhulu kulo nyaka uma kuziwa ezinhlelweni ezintsha, okuyinto ebenze basebenza ngokuzikhandla.

AmaDStv Awards asehloniphe abalingisi kuleli, okukhona kubo uThembisa Mdoda, Thembsie Matu, Warren Masemola nabanye.

Kubaculi, uKhuzani waba ngumculi wokuqala kamaskandi ukuwina kuwona.

Abanye asebeke bawina kuwo iDistruction Boyz, Prince Kaybee nabanye.

Imizamo yokuthola okhulumela uMzansi Magic, uPhilly Kubheka ayiphumelelanga njengoba ucingo belukhala lungabanjwa.