UGQIGQA odokotela umlingisi womdlalo eHostela, uLungelo Mpangase obedlala indawo kaKhethiwe owashayiswa yimoto walimala umgogodla ngenyanga edlule.
ULungelo walimala kanzima emlenzeni nasentanyeni ephuma enxanxatheleni yezitolo eGoli.
Elandisa Isolezwe ngalesi sehlakalo, uthi wayeyogibela itekisi i-Uber ngesikhathi kuqhamuka imoto yamshayisa.
Uthe wathi evula isicabha kwaqhamuka le moto ihamba ngesivivini esiphezulu yashayisa le ayezoyigibela wase elimala.
“Angikho esimeni esikahle nempilo inzima njengoba ngingasakwazi nokuqhuba nokulingisa ngenxa yalokhu kulimala. Njengoba ngikhuluma nawe nje ngiphuma esibhedlela ngiqale phansi ukufunda ukuhamba ngemuva kokulimala,” kusho uLungelo.
Uthe kunzima ukufunda ukuhamba ngoba walimala kanzima emlenzeni.
“Ngingajabula uma ngingalulama ngokushesha ukuze ngikwazi ukubuyela emsebenzini. Angenzi lutho okwamanje okuyinto engiphethe kabuhlungu ngoba ngiphuthwa yimisebenzi,” kusho uLungelo.
Umthombo weSolezwe ongathandanga ukuvezwa, uthe isimo salo mlingisi sesingcono kakhulu njengoba odokotela benze umsebenzi oncomekayo. “Naye ubakhuthalele odokotela kakhulu njengoba behlala bembheka ukuthi la alimala khona kuyalulameka yini,” kuchaza umthombo othe ukungabonakalali kwakhe emcimbini wezindondo amaSimon Mabhunu Sabela Awards ayeqokwe kuwona yingenxa yakho ukulimala.
“Ku-Instagram kukhona isikhathi lapho ake afaka khona isithombe eveza intamo elimele efake okokuyisekela,” kusho umthombo.
ULungelo uthe uhamba odokotela isonto nesonto ukuze alulame njengoba besamfundisa ukucathula.