ABALINGISI abadlala izindawo eziphambili emidlalweni ehlukene emibili esanda kuqala kuMzansi Magic sebezobonakala bendawonye komusha ozoqala kulesi siteshi ngoSepthemba.
UBonko Khoza noLunathi Mampofu, bazodlala izindawo eziphambii emdlalweni omusha, iLevels ozoqala ngo-7.30 ebusuku ngeSonto ngoSepthemba 7.
UBonko, owagqama kwi-The Wife enguMqhele, manje udlala indawo yamawele uSanele noBanele Magwaza, kwiThonga elingene endaweni yoMkhokha ngo-8.30 ebusuku phakathi nezinsuku kuMzansi Magic.
ULunathi, ngakolunye uhlangothi ulingisa indawo kaZoleka Mabandla kwiNimba, engene esikhaleni seGqeberha ngo-9 ebusuku phakathi nezinsuku.
Emdlalweni omusha uBonko unguStephen Vilakazi kuthi uLunathi abe nguBongi Nkosi.
Umdlalo uthinta ubugebengu lapho kulahleka khona u-R1 billion esikhumulweni sezindiza.
Abophiko lwezobunhloli bathinta umseshi othenjwayo uBongi Nkosi, ukuba ahole uphenyo. Izinto ziyajika uma kulandwa nomseshi uStephen Vilakazi, okhombisa ukudlondlobala ojutshwe yinhlokohhovisi ukuba azoba yingxenye yophenyo.
Uma uVilakazi eqhubeka nophenyo, impilo kaNkosi iyaqala ukuvela. Unemuva okuzoba nzima ukuthi lihlale lifihliwe futhi njengoba ithimba sekuseduze ukuthi libambe abasolwa, kuba nzima kakhulu ukugqiba iqiniso.
Umqondisi weziteshi zokungcebeleka kwiM-Net, uShirley Adonisi, uthe iMzansi Magic izibophezele ngokuxoxa izindaba eziveza izinkinga ezisemphakathini.
“ILevels ibuveza ngendlela entsha ubugebengu, obugoqwa ngendaba ezoshiya ababukeli belokhu befuna impinda,” kusho uShirley.
Abanye abalingisi abakulo mdlalo nguMelusi Mbhele oke wadlala kwiSibaya, Unathi Mkhize owaziwa kwiThonga noSikelelwa Vuyelani odlala kwi-1802: Love Defies Time.