Isithombe esigciniwe: ANA/Karen Sandison
I-South African Broadcasting Corporation (SABC), ixolisile ngokuphazamiseka kwezinhlelo eziteshini zayo zaseGoli kusukela ngo-7 kuya ku-8 ekuseni izolo.

Iziteshi eziphazamisekile kubalwa i-Metro FM, 5FM, Radio 2000, SAfm, neRSG. Okhulumela iSABC uNksz Vuyo Mthembu, kwisitatimende uthe: “Ukuphazamiseka kwezinhlelo kudalwe ukuhamba kukagesi ngase-Auckland Park, lapho kukhona isakhiwo sakwa-SABC. I-generator yahluleka ukusebenza. I-SABC iyajabula ukubika ukuthi izinhlelo sezibuyela esimeni esijwalekile.”

Khonamanjalo i-SABC izihlangulile ezinsolweni zokuthi kunokungazwani phakathi kwebhodi nezikhulu eziphezulu kule nhlangano.

Umbiko weThe Sunday Times, ubike ukuthi izikhulu zakwaSABC zisabisa ngokushiya ngenxa yokugxambukela kwabebhodi.

UMnuz Bongumusa Makhathini, onguSihlalo webhodi uthumele isitatimende izolo esithi: “Ibhodi leSABC liyabuseka futhi liyabuhlonipha ubuholi bale nhlangano, obenza umsebenzi oncomekayo ngaphansi kwezimo ezinzima esibhekene nazo. Ibhodi ngeke likhulume izindaba zalo zangasese.”