Lo mdlalo ukhonjiswa ngo-7.30 ebusuku phakathi nesonto kulesi siteshi esitholakala kwiDStv channel 161.
Ngokuthola kwaleli phephandaba ngomthombo ongashayi eceleni, aboMzansi Magic sebesithathile isinqumo sokuthi kuphele ngomdlalo.
“Angazi kahle isizathu sokuthi yini kodwa sengathi abeneme ngesibalo sababukeli,” kusho umthombo.
Ngokwezibalo ezikhishwe yiThe Broadcast Research Council of South Africa ngo-Agasti, Isithembiso sibe nababukeli abangu-561 318.
Umdlalo ongena ngesikhathi esifanayo naso, okuyiScandal!, ku-e.tv unababukeli abangu-6 244 135.
Isikhulu seBomb Productions edidiyela Isithembiso, u-Angus Gibson, asichithanga sikhathi ngeSonto ekuseni sithintwa yileli phephandaba sakuqinisekisa ukuthi lo mdlalo uyaphela.
“Uqinisile. Ekupheleni kwesizini umdlalo uyaphela,” kusho u-Angus.
“IMzansi Magic ibona kunesidingo sokubuyekeza eminye imidlalo yayo kusukela ngo-Ephreli.”
Uthe umdlalo uzogcina ukubonakala ngo-Ephreli kuthelevishini.
“Abantu bangalindela into yamehlo kulezi zinyanga eziyisithupha ezizayo,” kusho u-Angus.
Uthe basezingxoxweni neMzansi Magic ngokuthi kuzokwenzekani ngesikhathi obekudlala ngaso Isithembiso.
“Sizozwa ngezingxoxo ukuthi zihamba kanjani kodwa uma zingaphumi nalutho sizoqhubeka nokwenza okunye.”
Le nka-mpani iphinde ididiyele imidlalo okubalwa kuyo Isibaya neminye.
Imizamo yokuthola ukuphawula kweMzansi Magic ayiphumelelanga izolo.
U-Irvin Pooe wezokuxhumana ugcine engawuphendulanga umyalezo athunyelelwe wona.
Lo mdlalo owaqala ngo-Ephreli ngo-2017 uzakhele udumo ngabalingisi okubalwa kubo uBanzi (Hamilton Dlamini), Simlindile (Nandi Mbatha), Zamani (Zamani Mbatha) nabanye.