Kodwa empilweni yakhe yangempela uthi uhluke kakhulu kulokho.
“Ngingumuntu okhululekile othanda ukuxoxa,” kusho yena ngaphambi kokukhipha isexwayiso, “kodwa angithandi ukusukelwa. Ngiyamhlonipha umuntu futhi nami ngiyathanda ukuthi sibambisane.”
UPhumzile ugqame kakhulu kwabaningi edlala indawo kaFihliwe kuZalo olukhonjiswa ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto kwiSABC 1.
UFihliwe wafika ezoziphindiselela kuNkunzi (Masoja Msiza) ngokubulala umndeni wakhe. Uthe esewuvalele umndeni kaNkunzi efuna ukuwudlisa ushevu umfowabo uKhathaza (Sibonile Ngubane) wamlahla phansi ngenhlamvu.
“Mina noFihliwe asifani. Yena ubegcwele intukuthelo kakhulu. Into esifana ngayo wukuthi singomagcino ekhaya nokuthi singoNgwane sobabili.”
UPhumzile ukhulele eKatlehong, eGoli. Ukhuliswe wunina yena nezingane zakwabo okungabafowabo ababili nodadewabo. Umfowabo omdala nodadewabo abasekho kusele oyedwa ahlala naye.
“Ubaba besazi nje ukuthi useKZN kodwa akasikhulisanga.”
Uthe ngesikhathi ekhula ufunde eKatlehong kodwa wabuye wayohlala naseNewcastle. U-matric uwuqede eThubelihle ngo-1996 waphasa kahle.
“Ngafaka izicelo zokufunda ngagcina ngingene eDamelin eBraamfontein ngenza iBusiness Administration & Management. NgineDiploma yayo nje.”
Uthe kodwa ukulingisa yikhona okwachuma ngoba yinto akhula eyithanda.
“Ngangikuthanda ngale ndlela. Ngangithanda ukulingisa engikubona kuthelevishini, ngithanda nokucula. Kukhona iqembu esasikulo Ubuhle Bentsha esasilingisa kulo eKatlehong. Kwakufika abantu abadlala emidlalweni yeshashalazi abebefika bezosiqeqesha.” Uthe ithuba lokulingisa walithola emdlalweni wamahlaya iFamily Bonds eyayidlala kwiSABC1. Wayelingisa indawo kaBuyi Vilakazi. Eminye imidlalo ake abonakala kuyo kubalwa i-eHostela, Isidingo, Scandal!, Muvhango, Sokhulu & Partners, Isithembiso neminye.
Uthe njengoba manje eseqedile kuZalo, usafuna ukuphumula.
“Phela besisebenza ngisho nangeSonto. Bekumnandi bengiphethe kahle. Okungijabulisa kakhulu wukuthi angizange ngisho ngiye kwinhlolokhono, ngabizwa. Ngashayelwa ucingo ngoLwesine kuzoba yiPhasika kwathiwa angize ngoMsombuluko. Kungumusa kaNkulunkulu nabakithi. Ngizishaya isifuba. Bengijabule futhi nabantu bamthandile uFihliwe. Baqale bangamqoda kusaqala kodwa bagcina sebemjabulela.”
Uthi njengoba ephumule uthanda ukuzibukela ithelevishini nezingane zakhe. Ukhonze kakhulu ukubuka imidlalo ewuchungechunge nokubuka * -channel 157.
“Ngeke nginyamalale isikhathi eside kodwa. Kukhona abadidiyeli ebengihlangane nabo.”
Uthe futhi ufuna ukungena nasemafilimini ngoba ekholwa wukuthi usevuthiwe ekulingiseni.
Uthe njengoba esekhaya akahleli dekle kodwa ubuye abe ngumsakazi kwiKasie FM.
“Ngenza uhlelo lomculo wesintu ngoMgqibelo ngenze nolowokholo ngeSonto. Sengaze ngaqokwa kumaCrown nakumaSafta. Vele mina uma ngenza into ngiyayenzisisa. Ngisho ngiwasha izitsha angigcini icala, ngishiya umaka.”