ISIDINGO siphinde sashiywa ngomunye umlingisi njengoba izolo bekugcina ukubonakala kukaJo-Anne Reyneke.
UJo-Anne ubelingisa indawo kaLungi Biyela kulo mdlalo okhonjiswa ngo-7 ebusuku phakathi nesonto kuSABC 3.
Ushiya nje, akukapheli sikhathi esingakanani kuhambe uHendrik Lategan obelingiswa nguGerard Rudolf obegula opha ebuchosheni.
UJo-Anne ujoyine Isidingo ngo-Okthoba ngonyaka odlule.
Uthe kusukela ekhula Isidingo yiwona mdlalo ayefuna ukuwujoyina.
“Ukusebenza kulo mdlalo kufana nokufezeka kwephupho lami. Ukuba kwiSidingo kube yisikhathi esimnandi futhi kube lula kakhulu. Yonke into isebenza kahle futhi kuyiphupho lawo wonke umlingisi ukusebenza khona,” kusho uJo-Anne.
Uthe uzohlale esikhumbula isikhathi asisebenze kulo mdlalo.
“Ngikhumbula wonke umuntu engisebenze naye futhi ngizokukhumbula ukuba lapho kuqoshwa khona,” kuqhuba yena.
Izolo ebusuku uLungi uhambe ewumuntu othi ufuna ukuyolungisa impilo yakhe. Ufuna ukuba yedwa aziqonde ukuthi ungubani ngaphambi kokuthi ashade noma abe athandane nomuntu othile.
Lo mlingisi uzakhele udumo edlala indawo kaPearl kwiMuvhango. Uke walingisa kwiRhythm City, Intersexions neminye.
Kwenzeka lokhu nje ngenyanga ezayo lo mdlalo uzogubha iminyaka engu-21 ukhona ngokubuyisa abalingisi abadala okubalwa kubo uCherel de Villiers-Haines (Michelle Botes) noParsons Matabane (Tshepo Maseko).