UFANA Mokoena ozodlala efilimini i-180 ezokhonjiswa kwiNetflix nonyaka
Image: Actor Spaces
UBUYA ngamandla kwezokulingisa uFana Mokoena owayeyilungu lePhalamende elimele i-EFF njengoba ezolingisa indawo ephambili efilimini eza kwiNetflix nonyaka.
UFana, wasula ePhalamende ngo-2024. Kumanje kubukeka sengathi ujoyine owayeyiphini likamengameli we-EFF, uFloyd Shivambu, eqenjini lakhe elisha i-Afrika Mayibuye Movement.
Lo mlingisi owazakhela udumo emidlalweni okubalwa kuyo iGenerations, Scandal! neminye, uzobonakala efilimini i-180.
UDESMOND Dube ongomunye wabalingisi abazobonakala kwi-180 kwiNetflix
Image: Actor Spaces
KwiNetflix kubhalwe ukuthi iza kulo nyaka nokuthi izoba yihora nemizuzu engu-34.
Ngokwe-Actor Spaces, ifilimu iveza ingcindezi yansukuzonke yaseNingizimu Afrika ngokubheka indaba kaZak.
Ngaphandle kukaFana, abanye abalingisi abazobe bedlala izindawo eziphambili ngoDesmond Dube, Prince Grootboom, Warren Masemola noBongile Mantsai.
Ungena kule filimu nje, ngoDisemba nyakenye kwethulwe enye kwiShowmax lapho uFana ebelingisa indawo ephambili khona.
Kule filimu, iMasinga, uFana udlala indawo yesangoma uMolombo.
IMasinga yaqoshelwa KwaZulu-Natal naseLondon.
Abanye abalingisi abaphambili kuyo ngoHakeem Kae-Kazim, Abdul Khoza, Warran Masemola, Brandon Auret, Mbuso Khoza nabanye.
Ngaphandle kwe-180, kwaNetflix baphinde baqinisekisa ukuthi intandokazi yohlelo lwabo lwakwamanye amazwe, iLove Is Blind, iza kuleli.
Kulona abantu abangenabo abathandana nabo basuke bezofuna uthando. Bakhuluma ngaphandle kokubonana. Uma sebekulungele, bathembisana umshado nokuyilapho beqala khona ukubonana.
Babe sebezikhipha isonto lonke ukuze bazane kangcono. Baphinde bathole ithuba lokuhlangana nabangani nomndeni wezithandwa zabo ezintsha.
Related Topics: