U-SMASH Afrika ozokwethula uhlelo iBig Brother Mzansi eqala ngale ngempelasonto
Image: Sigciniwe
SELUQALILE ukuba sematheni uhlelo lwethelevishini iBig Brother Mzansi olubuya nesizini yesithupha kuMzansi Magic Channel 161 kusuka ngo-6 ntambama ngeSonto.
Isizini yanonyaka, ebizwa ngokuthi Bazozwa, izokwethulwa wuSmash Afrika oqale kweyangonyaka odlule ethatha izintambo kuLawrence Maleka.
Ngesikhathi kulindwe ukubona ukuthi yibaphi abantu abasha abazongena endlini kaBig Brother, abanye bafuna ukwazi ukuthi yibaphi abadala abazobuyiswa.
Isasasa labantu abasha abafuna ukungena beliphezulu njengoba kwathunyelwa imingenelo engaphezulu kuka-13 500.
Kwenziwe okuhlukile kulokhu ngokuthi kukhethwe abayisikhombisa ababekumasizini adlule kwadedelwa ababukeli ukuthi babavotele.
Laba ngoDube, Mmeli, Fahima, Sipha Lee, Bravo B, Lerato noLiema.
Bonke bazobe besembangweni wesamba semali okungaqinisekisiwe ukuthi siyimalini kodwa esingeke sibe ngaphansi kuka-R1 million nangaphezulu kuka-R2 million.
Ngonyaka odlule isamba sika-R2 million sathathwa wu-Akhonamathemba “Sweet Guluva” Mbele waseNquthu.
Abasendlini kaBig Brother benziswa imidlalo nemisebenzi ehlukene. Ababukeli bavotela abafuna baqhubeke nomncintiswano kuthi abathola amavoti amancane bakhishwe njalo ngesonto.
Related Topics: