Ezokungcebeleka Ezethelevishini

Azokhonjiswa kwiSABC2 amaCrown Gospel Music Awards

Fanelesibonge Bengu|Published

USBU Noah ngesikhathi emukela indondo yamaCrown kumsunguli weJoyous Celebration uLindelani Mkhize

Image: Facebook

UPHROJUSA omkhulu wemiklomelo yabaculi bowokholo, amaCrown Gospel Music Awards, uMbhishobhi Mpendulo Nkambule, uthe yize kunzima ngaphandle komsunguli wayo kodwa bazibophezele ngokuqhubekela phambili.

UNkambule wayeshadelwe wumsunguli wamaCrown, uZanele Mbokazi, odlule emhlabeni ngonyaka odlule ngemuva kokugula. Kulo nyaka bekungokokuqala enzelwa eThekwini ngaphandle kwakhe njengoba ashona esethuthele eGoli.

AyeseNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC) ngoNovemba 23.

"Siyabonga kubo bonke abaqokiwe nabanqobile ngokuqhubeka nokuseseka nokuba yingxenye yomcimbi. Kukhulu abakwengeza kumaCrown, siyakubona nokusebenza kanzima kwabo futhi sihloniphekile ngokubabungaza. Lona bekuwumgubho wethemba nokwenza kahle emculweni," kusho Nkambule.

Ubonge ababambisene nabo ikakhulukazi iSABC.

"Yize uhambo lunzima kodwa sizimisele ngokuqhubekela phambili singagudluki embonweni ngemiklomelo," kuchaza uNkambule.

Uhlelo lwemiklomelo yanonyaka lwaluphethwe wuMmatema Moremi noMillicent Mashile.

AmaCrown anonyaka abegubha iminyaka engu-18 futhi kuqopheke umlando ngemingenelo njengoba ibe ngaphezulu kuka-880.

Phakathi kwabanqobile kubalwa  uSbu Noah othole umklomelo weBest Male Gospel Artist, Mmatema kwiBest Gospel Female Artist, Sindi Ntombela onqobe oweBest Gospel Artist noDumi Mkokstad koweBest Traditional Gospel.

AmaCrown azokhonjiswa ngo-7 ebusuku ngeSonto kwiSABC2.