UMSAKAZI weGagasi FM uFelix Hlophe useziphendulele kwabagxeka uhlelo lwakhe lwakuMzansi Magic
Image: FACEBOOK/FELIX HLOPHE
UMSAKAZI weGagasi FM futhi owusomahlaya uFelix Hlophe usekhwele wadilika, eziphendulela ebantwini abakhala ngohlelo lwakhe lwethelevishini olukhombisa impilo yakhe iLife With Felix Hlophe, olukhonjiswa kuMzansi Magic ngoLwesine ngo-8 ebusuku.
Lolu hlelo lwalubhekwe ngabomvu kusukela ngonyaka odlule kuputshuka izindaba zokuthi luyeza, kanti abantu babekubheke ngabomvu ukubona ukuthi kuzokwenzekani kulona, njengoba luveza uhambo lwempilo kaFelix nomndeni wakhe, kuhlanganisa nemizamo yakhe yokuthatha unkosikazi wesibili, ozokwelama owokuqala uTracy Smith-Hlophe.
Nokho selokhu luqale ukukhonjiswa ngoMeyi 8, abantu abaningi bebelokhu bekhale njalo ngokuthi luyabhora, abanye bebabaza ukuthi indlela oluqoshwe noludidiyelwe ngayo ayihehi nhlobo, bebodwa abalufanisa nesikeshi - ibhayisikobhu uqobo lwayo.
Lo msakazi ongaconsi phansi kubalandeli bakhe, novame ukuziphendulela uma kukhona okumcasulayo - unikele ekhasini lakhe likaFacebook ngoLwesine kusihlwa, lapho ephendule khona abagxeka uhlelo lwakhe, ebakhulula ethi bangabe besazihlupha ngokulubuka.
“Anikwazi ukulokhu nivumela ukudinwa yinto eyodwa njalo ngeviki, kuzodingeka ukuthi ninqume ukuyiyeka okungcono, niyekele abayithandayo baqhubeke nayo. Uyazi ukuthi idlala ngasikhathisini, yigweme nje kwaphela. I-remote ihlala kuwena esandleni,” ubhale kanje.
USOMAHLAYA ugxibhe abenza ‘ihlaya’ ngohlelo lwempilo yakhe
Image: FACEBOOK/FELIX HLOPHE
Eqhuba, uthe lolu hlelo lumayelana naye nokuthi simhlula kanjani futhi kangakanani isithembu, futhi luyakhombisa ukuthi uzama kangakanani ukwenza ukuthi siphumelele, wase eqhubeka enxusa abantu abangathandi ukulubuka ukuthi bangabe besazihlupha ngalo.
“Abanye bakhononda nangokuthi umngani kaTracy (unkosikazi wakhe wokuqala) weza emzini wami yena engekho, bathi ngidelela umkami ngalokho - ekubeni ngenkathi kwenzeka lokho kwakukhona abantu abawu-30 egunjini esasiqophela kulona. Mina ngiyaqala ukubona abantu abadinwa yithelevishini kanjena,” kusho uFelix.