KUDALA bekungelona ihlazo ukushiya iziboya zingashefiwe emzimbeni. Kunalokho abanye bebechazeka uma umuntu ephuphuzela uboya ngoba bebumataniswa nobuhle bemvelo.
Izikhathi zishintshile njengoba abanye sebekugxeka ukungashefwa kweziboya emzimbeni, ikakhulukazi kwabesifazane. Ukungashefi kubuye kumataniswe nobunuku, ikakhulukazi emakhwapheni nasebuntwini. Kuze kwaba nezindlela eziningi ezisetshenziswa ngabesifazane ukususa uboya ezithweni, okubalwa i-waxing lapho kusetshenziswa izindwangu ezinamathelayo ukubuxebula. Kukhona nokhilimu abayizinhlobonhlobo bokususa uboya. Abanye basebenzisa i-razor ukushefa.
UDkt Cebi Sibisi oyiDermatologist ezimele eMhlanga, uthe ayikho into engalungile ngokungashefi futhi akuhlangene nobunuku. Uthe akunankinga ukungashefi kunoma iyiphi ingxenye yomzimba, inqobo nje uma umuntu ezozinakekela ngendlela.
“Ungaba noboya emzimbeni kodwa uzinakekele kahle. Iziboya zinomsebenzi wazo kunoma iyiphi ingxenye yomzimba. Zinomsebenzi othize wokuvikela ngoba ziyimvelo,” kuchaza uDkt Sibisi.
Uthe inkinga ukuthi sekulandelwa kakhulu izitayela ezenziwa kwezinye izizwe, okubalwa nakho ukushefa uboya.
“Ngeminyaka yakudala abantu babengashefi kodwa akekho owayekumatanisa nobunuku. Namanje kunabantu abazinqumela ukungashefi emakhwapheni nasezithweni ngoba bethanda. Abanye abashefayo yingoba zibaphatha kabi ezindaweni ezithize emzimbeni, hhayi ngoba kuwubunuku,” kusho uDkt Sibisi.
Indlela abanye abangakuthandi ngayo ukuba neziboya emzimbeni, bazibiza ngehlathi, okwenza kuzwakele kuyinto embi.